Ugcolise isithunzi seBSA uphromotha engawakhokheli amabhokisa aseTanzania

114

LINDA XIMBA

UKHALE ngokulaxazwa ngabaxhasi ngemizuzu yokugcina uphromotha waseNingizimu Afrika ozifake ehlazweni futhi wazidonsela amanzi ngomsele ngokwehluleka wukukhokhela amabhokisa aseTanzania nesikhulu sakuleliya lizwe.

U-Elias Tshabalala weFantastic 2 Boxing Promotions, ubeqhathe izimpi ebeziseKliprivier Recreation Centre, eGoli, muva nje, wagcina engawakhokhelanga amabhokisa amabili abebambe iqhaza kulezi zimpi, okunguJesca Mfinanga (osesithombeni) no-Egine Kayange. Ngemuva kokwehlulwa ezimpini ze-African Boxing Union (ABU), la mabhokisa esifazane azithole esengondingasithebeni njengoba kuthiwa uTshabalala uvele wanyamalala engakawakhokheli. 

Aphoqeleke ukuyoqhinqa emahhovisi amanxusa aseTanzania, abhuqwa nayindlala. Umthetho uthi amabhokisa okwamanye amazwe akhokhelwa imali yawo ngemuva kwezimpi.

Ngokohlelo, bekumele amabhokisa nethimba lawo, bathathe indiza egodukayo mhla ka-24, kodwa kwangenzeka ngoba abengenayo imali. Kuthiwa kuze kwangenelela iBoxing South Africa (BSA) ngoba isithintwe yi-matchmaker yaseTanzania ebigunyazwe yi-ABU ukuzosebenza. 

Kubikwa ukuthi iBSA ingenelele ngoba izama ukugqiba ihlazo, yawukhipha u-R94 000, agibela amabhokisa ngoLwesibili emini.

“U-Elias uzobhekana nolaka lweBSA emdonse ngendlebe ukuthi makakhokhe lesi sikweletu ngokushesha, uma kungenjalo, ngeke anikwe igunya lokuqhatha,” kusho umthombo.

Eziphendulela uTshabalala, ukhale ngabaxhasi abamlaxaze ngemizuzu yokugcina, wathembisa ukwenza konke okusemandleni ukukhokha isikweletu.

Kulezi zimpi uMfinanga uhlulwe yingqwele ye-flyweight, uSimangele Hadebe kwathi uKayange naye wathola induku kuMonica Mkandla waseZimbabwe. Yize uSifiso Shongwe ongusihlalo webhodi yeBSA noDkt Peter Ngatane, ongumengameli we-ABU e-Africa, bengatholakalanga ukuphawula, kodwa umthombo uveze ukuthi sibadinile isenzo sikaTshabalala.

Previous articleKusolwa amaphoyisa “ngokuphathisa” umufi (16) isibhamu emuva kokumdubula
Next articleEyeholo lezinduna isidale umbango esizweni esiseNkandla