UGCOTSHWE KWESOBUFUNDISI UHLENGIWE MHLABA

973

Ugcotshelwa kulesi sikhundla nje ubesanda kuhlonishwa ngendondo yinhlangano engenzi nzuzo.

UHLENGIWE Mhlaba ugcotshelwe kwesokuba ngumfundisikazi yibandla likamBhishobhi SD Gumbi wodumo luka-Amen ongakwesokudla.

THANDEKA NGOBESE
USENGUMFUNDISIKAZI umculi wegospel owazakhela udumo ngengoma ethi, “Uyalalela”, uHlengiwe Mhlaba, owaphuma endlini ngoZibandlela (December) ethi uyonandisa ebandleni likamBhishobhi Dingane “SD” Gumbi, i Assembles of God kanti uzofika agcotshelwe ukuhola izimvu zeNkosi. Ekhuluma naleli phephandaba uHlengiwe, uthe nakuba ebazi ukuthi ubizo unalo, kodwa ubengazitsheli ukuthi sekungenzeka manje. “Le nto eyenzekile kangifuni ukukhuluma ngayo kakhulu okwamanje ngaphandle kokuthi ngithukile futhi bengingayilindele. Akuyona into engibona ukuthi kufanele ngilokhu ngikhuluma ngayo ngaphandle kokuthi ngidinga umkhuleko,” kusho uHlengiwe.


Ugcotshelwa ubufundisikazi nje, ubesanda kuhlonishwa ngendondo yinhlangano engenzi nzuzo, i-Ungazibulali Awareness Campaign, esungulwe nguMnu Nkululeko Khanyi ngeqhaza lakhe eluleka abafuna ukuzibulala. Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Khanyi, uthe imisebenzi uHlengiwe ayenzele inhlangano yakhe iyamangalisa njengoba bezingena zingenile izingcingo abantu baphelelwe yithemba, behlaselwa yingcindezi ngesikhathi kuvalwe izwe ngenxa yokubheduka kokhuvethe.


“Ubezinikela, eluleka abantu engakaze asho nangolulodwa usuku ukuthi usekhathele. Sisebenza kakhulu naye njengenxusa lenhlangano, noma siya emphakathini uhamba nathi ayoduduza abantu ngomculo wakhe,” kusho uMnu Khanyi. Uthe ngaphezu kokuhlonipha uHlengiwe, bathulele isigqoko nabanye abethula izinkulumo ezibuyisa ithemba emphakathini okubalwa kubo uCriselda Kananda noThami Ngubeni. ILANGA lizame lahluleka wukuthola umBhishobhi Gumbi, ucingo lwakhe belolukhu lukhombisa ukuthi luvaliwe njengoba belungena egunjini lemiyalezo.
thandeka.ngobese@ilanganews.co.za

Previous articleIboshiwe indoda enukubeze yabulala umshana (12)
Next articleKuvela isithiyo ngoManyama