Ugeqa amagula ngokwenzeka kubulawa ikhansela

491

PHUMLANI GAMA

KUBANJWE umoya ngempilo yomfundi (12) olaliswe kwesinye sezibhedlela zikahulumeni eThekwini kulandela ukubhajwa kwenhlamvu ye-AK47 ekhanda lakhe. Le nhlamvu imshaye ngoLwesithathu ngemuva kokuba omunye wababulali bekhansela laku-ward 11 eMasokaneni, KwaNongoma, ejikise umbhobho wesibhamu wawukhomba emotweni ebilayishe abafundi.

Kulesi sigameko kushone uMnu Ndukenhle Duma noBulelwa Nene (11) obefunda u-grade 5 eSambulo Primary School. Kuthiwa uDuma ubehamba nengoduso yakhe belibangise eMtubatuba. Ubezodlulela emhlanganweni weqembu lakhe i-IFP obubanjelwe eHluhluwe.

Besendleleni umufi uqhunyelwe yisondo kwathinteka nezinye izinto emotweni okuthe besematasa nomsebenzi wokulungiswa kwemoto, kwaqhamuka imoto abangayazi kwavela imibhobho yezibhamu ibhekiswe kumufi, okuthe uma ezama ukubaleka namanxeba ababulali badilika emotweni bemjaha ngezibhamu, bamnqoba. NgoLwesihlanu ILANGA lihambele kule ndawo okuyilapho lifike lathola umbiko wokuthi usededelwe esibhedlela omunye wabafundi abathole ukulimala.

Owesilisa (52) obeshayela imoto ethutha izingane, utshele leli phephandaba ukuthi akasabazi ubuthongo selokhu kwenzeke lesi sigameko. “Namanje ngihlukumezekile, kangazi ukuthi ngizokwenza njani ngoba okuningi okwenzeka ngakubona kodwa kakukho ngisho noyedwa engingamkhomba ngithi ngambona okanye ngiyamazi.

“Ngosuku lwesigameko kwathi uma ngifika emgwaqweni ngathola ukuthi kunemoto enqumise phakathi nawo. Kuthe kusenjalo ngabona amadoda amabili ehubha okuthile engingabonanga ukuthi kanti ngumuntu lona abamfunayo. Bebephethe izibhamu ezinkulu.

“Sebeqedile ukubulala lo muntu abebemjaha, oyedwa wabo uphendule umbhobho wesibhamu wawukhomba emotweni engihamba ngayo. Ngivale amehlo ngingafuni nokuthi ngibone okwenzekayo ngoba bengizitshela ukuthi ubulala mina ngoba ezitshela ukuthi kukhona engikubonile okanye ngiyabazi kanti kakukho ngisho nokukodwa kulokhu.

“Isibhamu siqhume amahlandla amabili emuva kwalokho ngezwa kuqhuma isililo izingane zikhala zicela usizo. Uma ngijikela ngemuva kwemoto ngahlangatshezwa yigazi ebeligobhoza emotweni. Bekunzima ukubona ingane elimele nengalimele. Selokhu kwenzeke lesi sigameko kangibazi ubuthongo ngicabanga ngokungehlele,” esho.
UMnu Jabulani Xulu oyilungu lomndeni wakwaXulu, okuzalwa kuwona unina kaBulelwa, uthe umndeni unesifiso sokuba babanjwe ababulali, bethweswe icala lokukhipha umphefumulo ongenacala.

“Esikhathini sanamuhla ukuzibandakanya nezombusazwe kufana nokuzimbela igodi uphila. Umbuzo omkhulu ngowokuthi kungani ababulali besuke lapho besuka khona bazochitha igazi lapha eMtubatuba. Kukhona konke nje sezidutshulelwani-ke izingane? Noma ngabe bebezama ukugqiba ubufakazi ngokudubula umshayeli wemoto yena isono sakhe siyini?

“Ibuhlungu impilo esiyiphiliswa ngabantu banamuhla. Ngafika endaweni yesigameko isimo simuncu. Izingane zilele phansi isimo sibuhlungu. Kuyasithoba amanxeba ukuthi izingane zizohlinzekwa ngosizo lokwelulekwa ngokomqondo kanjalo naye umshayeli wemoto ezithuthayo,” kusho uXulu.

Usomlomo kamasipala waKwaNongoma uNkk Babongile Sithole, udlulise amazwi enduduzo emndenini nakwabanye ozakwabo kulo mkhandlu ngemuva kokudlula emhlabeni kukaDuma.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrig Athlenda Mathe, uthe ukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uJenene Fani Masemola usejube ithimba lamaphoyisa elisebenza ubusuku nemini ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kubanjwa ababulali. Uthe leli cala liphenywa esigabeni sikazwelonke

Previous articleUzishaya isifuba umqeqeshi weDowns
Next articleUbalisa ngamanesi onendodakazi ‘eboshelwe ukuzama ukubulala usana’