NONHLAKANIPHO SHINGA
IGEQE amagula ngetulo lokubulawa kwayo ingoduso ebilotsholwa ngempelasonto, “esinde umnakwabo eseyithengele izinkabi” ukuba ziyibulale, zagcina zibulele unina, uNkk Khombisile Zuma (63), zingayitholi yona.
NgoMsombuluko, ILANGA libike ngodaba lokuboshwa kwabalisa abane abasolwa ngokuba yizinkabi nowesifazane okuthiwa ubezithumile.
UNkz Zinhle Zuma (30),waseHlathikhulu, eMtshezi, utshele leli phephanda ukuthi kubulawa unina nje, bese kunesikhathi eside umnakwabo, uNkz Ncamisile Ngcobo (30), waKwaMaphumulo, emsongela ngokumbulala.
Uthe imoto ebihamba abasolwa ibonwe ngabakwamyeni wakhe, ihamba ingakhanyisile, ngoba ingafuni ukubonakala emuva kokuba izinkabi sezidubule unina.
Uthe bezithengelwe ukuyobulala yena ngelanga obekufike ngalo abakhongi kubo, bashiya ilobolo lika-R30 000.
UNkz Zuma uthi kufike owesilisa ongaziwa ngabo-11 ebusuku ngeSonto, wathi ufuna uZinhle wakwaMchunu, kwathiwa akaziwa lowo muntu.
“Bekukhona abebehleli egcekeni bephuza, yingakho isango belingavaliwe ngaleso sikhathi.
“Umsolwa ube esecela ukuthi bamphuzise, bathi sebuphelile utshwala, washikila waphuma wahamba.
“Kuthiwa kakuphelanga mizuzu mingakanani, kwangena abesilisa abathathu bephethe izibhamu, bathi makulale phansi bonke abantu abebesendlini, bafuna imali eshiywe ngabakhongi,” kusho uNkz Zuma.
Uthi yena ubengekho ngaleso sikhathi, ubekubo komyeni wakhe, njengoba kuwumkhuba wangakubo ukuthi uma kuzofika abakhongi, ingoduso ihlale emzini.
“Ngahamba ngoLwesithathu. Kusho ukuthi laba abamtshela ukuthi bengilotsholwa, kabashongo ukuthi kangikho ekhaya, ngoba ubengatshelwanga ngumyeni wami ngalokhu obekuzokwenzeka.
“Ngesikhathi abebesekhaya befuna imali eshiywe ngabakhongi, umama ubatshele ukuthi ihambe nomalume. Yilapho-ke kusuke khona umbango ngoba uvele wadonsa ucelemba, ethi akunabantu
abazomkhomba ngesibhamu emzini wakhe,” kusho yena.
Uthi abebekubo bamshayele ucingo ngemuva kokuqhuma kwezibhamu, bembikela ngokwenzekile. Utshele umyeni wakhe nabafowabo, baphuma beyobheka isimo.
“Bathe bephuma nje, babona i-Avanza, ebeyihamba ibuye icishe amalambu, basola ukuthi cishe nababulali bakamama baku-yona, ngoba beyibonakala ukuthi kakuyona eyasendaweni.
“Bahlabe umkhosi bayilandela yaze yayofika kwelinye lamagaraji lapho efike yahlangana khona nePolo emhlophe, basebeshayela amaphoyisa aseMooi River.”
Uthi baqhubekile nokuyilandela le moto kwaze kwabe ivinjwa ngamaphoyisa, babanjwa baboshwa.
ILANGA lihabule ukuthi bese siside isikhathi uNkz Zuma noNkz Ngcobo bebanga uMnu Sthembiso Sgubudu, onezingane nabo bobabili.
UNkz Zuma uthi ubazi ukuthi umyeni wakhe nomsolwa kade bahlukana.
Leli phephandaba liyibonile ingxoxo yeWhatsApp ephakathi kwalezi zimbangi, zisongelana kuze kuvele ukuthi kukhona ongakunqeni ukubulala omunye.
Leli phephandaba liphinde lezwa nemiyalezo eqoshiwe (voice note) ebivela kowesifazane othi ungudadewabo kaNkz Ngcobo, etshela uNkz Zuma ukuthi makahambele kude noyise wezingane zikadadewabo.
“Wena nje uzofa, ufele isende ngoba uyisilima sentombazane, kawufundiswanga ukuzimela, uphila ngendoda.
“Uhlezi uzwa kuthiwa indoda ithathwa emntwini, uthathe indoda okungafanele uyithathe-ke kulokhu.
“Kudala sikuyekile sikubuka ngoba besizitshela ukuthi le nto yenu izophela,” kusho lona wesifazane kulo myalezo.
Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Sgubudu, uthe yize engeke asho ukuthi besebehlukene, kodwa bekukhona ukuqhelelana obesekukhona phakathi kwakhe noNkz Ngcobo.
“Bona kade bayiqala le nto yabo yokuxabana, kodwa ubethi uma (uNkz Ngcobo) emsabisa, kungabikhona umuntu ozitshela ukuthi kukhona ngempela angakwenza,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshuinda, uthe abasolwa abane baboshwe ngemuva
kokumiswa ngamaphoyisa ngeSonto ebusuku eMgungundlovu.
“Batholwe nesibhamu nezinhlamvu kanti omunye wabasolwa ubenegazi ezimpahleni zakhe zokugqoka.
“Abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-25 no-32 kanti kubona kunokuthiwa kudala efunwa ngamaphoyisa ngamacala ahlukene okubulala,” kusho uCol Netshuinda.
Uthe abasolwa bavelile enkatolo izolo ngoLwesithathu, kanti kulindeleke ukuba baphinde bavele maduze sebeyofaka isicelo
sebheyili.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za