SKHOSIPHI MTHEMBU
UFAKAZI wombuso owayeqashisela izinkabi izibhamu zokubulala, udalule ukuthi uNkk Nonhlanhla “Mama weBhantshi” Mbele, uMaXolo noMnu Mthofi Msipha bamkhokhela u-R10 000 beqashe kuyena isibhamu sokubulala uThamsanqa Mthembu ngo-2020.
Lo fakazi ongeke adalulwe – ngokomyalelo wenkantolo – utshele iNkantolo eNkulu yaseThekwini ukuthi wakhokhelwa ngemali yomshwalense okwakukhavwe ngawo uThamsanqa.
UThamsanqa – ongomunye wabantu ababethathelwe umshwalense nguNkk Mbele – wayezalwa ngumngani kaMama weBhantshi ayekhonza naye ebandleni lama-Africa, eMlazi.
Abasolwa babhekene namacala amathathu; okungelokubulala uNkz Susan Xolo, uMnu Thamsanqa Mthembu noMnu Thulani Cele.
Ufakazi nguyena owayegcine isibhamu esabulala uThamsanqa, saqashwa nguMnu Msipha, wathembisa ukukhokha emuva kwezinsuku eziwu-5 uma sekukhokhe umshwalense.
Utshele inkantolo ukuthi waqala ukubona uMnu Msipha ngoMasingana (January) ka-2020, efika kubo ehamba nomngani wakhe. Uthe umngani wakhe wayevame ukubeka izibhamu zakhe kuyena, ngalolu suku wafika naye uMsipha ezoqasha isibha-mu.
“Ngesikhathi efika okokuqala nomngani wami, wangitshela ukuthi uMthofi ufuna ukuqasha izibhamu ngoba kunomsebenzi okumele ayowenza. Ngatshelwa ukuthi lowo msebenzi ngowokuyobulala iphara lakhona endaweni.
“Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi bakhuluma ngobani. UMthofi wathembisa ukuthi uzokhokha u-R10 000, sihlukaniselane nomngani wami u-R5 000,” esho
Uthe ngakusasa wezwa izindaba zokuthi kudutshulwe uThamsanqa, ayemazi njengo-mfana wasendaweni kwazise wakhulela phambi kwakhe futhi wazi nabafowabo.
“Wasitshela ukuthi umuntu odubulile nguSihle Vezi, wabe eseveza ukuthi uThamsanqa ubethathelwe
umshwalense nguNonhlanhla, uzokhokha bese siyakhokhelwa ngokumqashisela isibhamu,” esho.
Ethula ubufakazi, uthe abasolwa babuyela kuye beyomcela ukuba ayobenzela umsebenzi wokubulala uMnu Cele, kodwa wanqaba. Uthe baphinde babuya bamcela ukuba adubule abulale izelamani ezazisondelene noNkk Mbele.
Uveze ukuthi uNkk Mbele wamthatha wamkhombisa kubo kwalezi zelamani. Ngosuku okwakumele ayozidubula ngalo, wahluleka ukwenza lokho, wazitshela ukuthi ubethunywe ukuyozibulala, wagagula nowayemthumile.
Uthe waxwayisa lezi zelamani ngokuthi mazibaleke.
icala liyaqhubela.