INTATHELI YELANGA
UGIXABEZWE ngeminyaka ewu-25 ebhadla ejele nebhansela yenhlawulo ka-R10 000 owesilisa owabulala iphoyisa elalingumngani wakhe, elisola ngokweba isibhamu sakhe. INkantolo eNkulu yaseMadadeni, igwebe uMduduzi Ndawonde (34) ngokubulala uSgt Sandile Mgabhi (39), esigamekweni esenzeka mhla ka-19 kuNhlolanja (Febru-ary) ngonyaka odlule .
Ngokwesitatimende samaphoyisa, ngosuku abulawa ngalo uSgt Mgabhi, wayengekho emsebenzini, wayehleli nabangani bakhe okubalwa kubo naye uNdawonde. Kubikwa ukuthi uNdawonde wayesola uMgabhi ngokuthatha isibhamu sakhe esisemthethweni. Kuthiwa uNdawonde nomfowabo, uMnu Muziwezinsizwa Ndawonde (43), babe sebethatha uSgt Mgabhi, baya naye endaweni engaziwa.
Imoto kamufi yatholakala egalaji inamachaphazelo egazi. Emuva kwezinsuku ezimbili kutholakale imoto, kwabe sekutholakala isidumbu sakhe sinenxeba lokugwazwa esifubeni. Kubikwa ukuthi kwabe sekuvulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eColenso, idokodo ladluliselwa koKlebe, ethimbeni eliphenya ngamacala ahleliwe, eMgungundlovu. Kakuphelanga isikhathi esingakanani, zaboshwa izelamani zakwaNdawonde ngecala lokubulala nelokuthumba.
UMuziwezinsizwa waphenduka ufakazi wombuso, wadedelwa esitokisini, wayobekwa endaweni ephephile.
NgoLwesine inkantolo igwebe uMduduzi iminyaka ewu-25 ngecala lokubulala, neyisikhombisa ngelokuthumba. Ithe lezi zigwebo uzozidonsa kanyekanye. Kayingcinga lapho, imhlawulise u-R10 000 ngokulahla isibhamu esisemthethweni kodwa wangabika emaphoyiseni.