Ugonyuluke ngencwadi uKolisi

639

Uthi kuningi okwenzekile kuhlanganisa nokulingeka yizinto zasemhlabeni

MFANAFUTHI NDLOVU

UGONYULUKE ngesimo esinzima akhula ngaphansi kwaso ukaputeni wokuqala ngqa  ompisholo weqembu lesizwe lombhoxo, AmaBhokobhoko, uSiyamthanda “Siya” Kolisi (30), encwadini yakhe iRise, athole ithuba lokucacisa ngayo emcimbini i-Impossible is Nothing, obusekwe ngabakwa-Adidas South Africa ngoLwesibili emini eCape Town Stadium, eCape Town. 

Ekhuluma neLANGA uKolisi owanqoba indebe yomhlaba namaBhokobhoko ngo-2019 – ubhale le ncwadi ngokubambisana nomka-khe, uNkk Rachel Kolisi, obekhona ngesikhathi kuqhubeka lo mcimbi obuhlanganise bonke abenza kahle kwezemidlalo abasekwe yi-Adidas. Uthi ubesekhathele wukuxoxa ngempilo yakhe nezinkinga adlule kuzona ekhula, kodwa kungekho okubhaliwe.

“Kuningi okwenzekile empilweni yami nokulingeka yizinto zasemhlabeni. Bekunezidakamizwa nemali phakathi, okumele sikuveze emphakathini ukuze intsha iziqonde lezi zinto eziba nomthelela ongemuhle kwabasakhula. 

“Bengingakaze ngibe nesikhathi esanele ukucacisa ngesimo engiphuma kusona, kubalwa nokuhlala kakhulu nomama nogogo. Ubaba isikhathi ubeziphilisa ngokuba-mba amatoho aze ahambele ngisho naseCape Town ukuze impilo iqhubeke. 

“Yingalesi sizathu mina nomkami sibone kumqoka ukuba sibhale le ncwadi. Yonke imali ezotholakala ngale ncwadi sizoyifaka kwiKolisi Foundation ukuze le nhlangano ikhule iye kwelinye izinga. Empeleni ngiyazi ukuthi abaningi bakholwa wukuthi ngisheshe ngayibhala isikhathi singakafiki, kepha okubalulekile kimina wukusiza imiphakathi entulayo manje, hhayi kusasa. 

“Kuningi okuyizinselelo emphakathini engikhule kuwona, kubalwa nenkinga yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Inhlangano yethu izobamba iqhaza kulesi simo ukuzama ukuvikela abesifazane futhi izwi labo lizwakale.  

“Oku-buhlungu wukuthi abesifazane kabanakwa uma bebalisa ngokuhlukumezeka,” kusho uKo-lisi. 

Uthi esa-khula wayehlala endlini enamakamelo amane, elala ezimpontshini. Kwakunzima kwazise cishe babewu-7 kuya phezulu kule ndlu.

Lo mdlali ogijima kwiCell C Sharks yaseThekwini, ubuye wacacisa kule ncwadi ukuthi lwaqala kanjani uthando lwakhe kwezo-mbhoxo kwazise cishe abaningi akhula nabo bebezidlalela unobhutshuzwayo. 

Uthe ngolunye usuku waya enkundleni yebhola enethemba lokuthi impilo mhlawumbe izochuma ebholeni ngoba wafika kulona engumgadli, kodwa insimbi ya-nyukela wazama inhlanhla esiswini wagcina ngokuba yiyisitobha. 

Kwamukhanyela ukuthi liyemuhlula, walibhekisa embhoxweni, okuyilapho izinto zakhanya khona. 

UKolisi ojoyine iSharks esuka kwi-Stormers yaseCape Town, ungomunye wabadlali bombhoxo abathandwa kakhulu, yingakho kungazange kumangalise ekleli-swa yi-New African Magazine 

ohlwini lwabantu abawu-100 aba-phambili kwezemidlalo emhlabeni jikelele, emunxeni obizwa ngeMo-st Influential Africans.

 Njengoba ebeseCape Town nje, ubesanda kubuya e-Australia nje-ngoba AmaBhokobhoko abedudulana neNew Zealand kwiRugby Championships ehlanisa la mazwe womabili, yi-Australia ne-Argentina. 

AmaBhokobhoko abuyise izinduku kwiNew Zealand eyishaya ngo-31-29 emuva kokuba emdlalweni odlule owawumhla ka-25 kuMandulo (September), ahlulwa ngo-19-17.

Previous article“Izangoma” zishaqe impesheni yezalukazi
Next articleUmkikizo kubulawa abafundi (3) ‘abebehlupha’