Ugwayi katiki kubasubathi “abakweleta” iComrades Marathon

249

MZWAMANDLA ZONDI

KUNXUSWA bonke abasubathi abakhokhe imali engaphelele, ngesikhathi bebhalisela iComrades Marathon – ezokuba mhla ka-9 kuNHlangulana (June) nonyaka – ukuba bayigcwalisele ngaphambi kokuphela kwale nyanga. Izosukela eThekwini isongwe
eMgungundlovu.

Ngonyaka odlule, ngesikhathi kuvulwe ukubhalisela lo mjaho, kunabasubathi abakhokhe u-R600 ukubamba iqhaza kulo mjaho. Imali yokubhalisa iComrades wu-R1 200, kubasubathi baseNingizimu Afrika kanti abanye bakhale ngokuthi iyabasinda le mali, bavunyelwa ukukhokha uhhafu. 

U-Ann Ashworth weComrades Marathon Association (CMA), uthe bacela ukuba kushone elangoLwesine bonke abagijimi sebeyigcwalisele imali yokungenela lo mjaho. 

Uthe lokho kuzobasiza ukugcina izikhala zabo kulo mjaho ongenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-22 000.

Abasubathi bangakhokha ngokungena ku-www.comrades.com, kanti uma bedinga usizo, bangathumela i-email ku-info@comrades.com noma bashayele ku: 033  897  8650.

zondim@ila-nganews.co.za 

Previous articleKukhuthazwe abakwasidlodlo “ukugingqa” izigebengu kufihlwa iphoyisa
Next articleUNtuli uthembise into yamehlo nge-IFP eMoses Mabhida Stadium