Ugwaze wabulala intombi maqede wazilengisa

687

PHUMLANI GAMA

UTHOLWE ngamalungu omphakathi ngeSonto ekuseni elenga esihlahleni, esebanda, owesilisa waseVryheid, obefunwa ngamaphoyisa mayelana nokugwaza abulale intombi yakhe. 

Kubikwa ukuthi uMnu Mlungisi Mkhwanazi ugwaze uNkz Nontobeko Nkosi (23) amanxeba awu-16 emuva kwengxabano eqale ngoMsombuluko womhla ka-29.

Kuthiwa kusukela ngoLwesibili ubesonga ngokuthi kulungile aboshelwe into ayaziyo, kodwa engachazi ukuthi yini equbula lezi zinsongo ngoba nentombi yakhe ubengayikhulumisi. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVryheid aseyazi ngalezi zigameko. 

Previous articleBakhala ngokubhukuda ezikweletini omastende abakweletwa yiNSFAS
Next articleAngase abuyele ekilabhini yakhe endala “oyifenisha” oSuthwini