Ugwazwe wabulawa esikhungweni sokuvota

258
UMNU Msindo Tembe ogwazwe wabulawa ngowesilisa othile esiteshini sokuvota. 

NOMFUNDO NGWANE
noPHUMLANI GAMA 

Uphendule ngamanxeba amathathu ommese owesilisa osekhulile kubangwa intombi, kwagcina kuphume isidumbu esikhungweni sokuvota eNsalamanga High School, eNdlondlwe-ni, eManguzi ngoMsombuluko. 

Kubikwa ukuthi uMnu Msindo Tembe (36), oyilungu le-IFP, ufele endaweni yesigameko phambi kukanina wengane yakhe – okusuke umsindo kubangwa yena – emuva kokuba ebhokodwe ngommese ngumbulali osekhulile. 

Kuthiwa umbulali uqede ukugwaza umufi, waya emzini wakhe eyobikela umkakhe ngento aseyenzile. ILANGA lithole ukuthi naye umbulali uyilungu le-IFP – futhi uyaziwa – ubeqashwe ngelinye ilungu laleli qembu ukuba athuthe aba-ntu abayovota kulesi sikhungo.

ILANGA likhulume noMnu Gidion Mathenjwa oyilungu le-IFP, obekhona kwenzeka lesi sigameko. Uthe ingxabano iqale sekuntambama abantu sebeqedile ukuvota, behleli ngaphandle kwesikhu-ngo bezijabulisa ngeziphuzo. 

Kuthiwa umbulali udlalise unina we-ngane kamufi, okuthiwa bebengaqali ukubonana, kusoleka ukuthi bese bevele benobudlelwano. Ngesikhathi emdlalisa, umufi uqale wazama ukuzibamba, kodwa wagcina esehluleka, wakhuza umbulali, ethi makayeke ukweshela intombi yakhe. 

Uqhubekile umbulali wazibika. 

“Bese kuvaliwe esikhungweni, sonke silindele ukumenyezelwa kwemiphumela. Umufi ukhuze umbulali ukuthi makayeke ukweshela unina wengane yakhe. Kube nokuhilizisana okuphethe ngokuthi lo baba (umbulali) aye emotwe-ni yakhe, wabuya esephethe ummese nesibhamu. 

“Ufike wagwaza lo mfana amanxeba amathathu, maqede wabuyela emotweni yakhe, wasishiya kanjalo. Lo mfana uzame ukubalekela emotweni yami, okuthe sisazama ukumgibeza kuyona, waphelela ezandleni zethu. 

“Kube yisikhathi esifushane kakhulu ngoba akuphelanga ngisho imizuzu ewu-10 egwaziwe, washona. Sishaqekile kakhulu ngoba lokhu okwenzekile kwe-nzeke egameni leqembu lethu,” kusho uMnu Mathenjwa. 

UNkz Busisiwe Tembe ongudadewabo kamufi, uthe bashaqeke kakhulu bewumndeni. Uthe umfowabo wehlelwa yilo mshophi nje, bekusafanele abuyele esibhedlela eNgwelezane, eMpangeni, ayohlinzwa emuva kokuba waba sengozini yemoto. 

“Sithole ucingo kuthiwa masiphuthu-me esikhungweni, kanti sekubulewe umfowethu. Isono sakhe kube wukwenqaba nonina wengane yakhe, le ndoda imfuna ngenkani. Namanje sisamangele ukuthi ubesengaze ambulale nje, ngenxa yokuthi ufuna umuntu wesifazane ekube-ni enomfazi wakhe, izingane nomuzi! 

“Umfowethu ubesazama ukwakha owakhe umndeni, kodwa-ke konke sikubeke ezandleni zikaNkulunkulu ngoba bonke abantu bangabakhe,” kusho uNkz Tembe. 

Okhulumela i-IFP eMkhanyakude, uMnu Themba Zikhali, udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi nasemalu-ngwini eqembu. Uthe akulona iqiniso ukuthi umufi udutshuliwe futhi uyilungu labo.

 “Ekuseni kusabalale imibiko engelona iqiniso yokuthi umufi udutshulwe ngumuntu we-IFP. Laba bantu babe nengxabano bodwa, umbulali wamgwaza umufi.

“Sikhathazekile ngokwenzeke egameni le-IFP, sidlulisa amazwi enduduzo 

emndenini nakuwona wonke amalungu aleli qembu abekhona nawo emazi umufi. Nokho-ke konke sikushiyela ezandleni zamaphoyisa okufanele enze umsebenzi wawo,” kusho uMnu Zikhali. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseManguzi. 

Uthi umsolwa ushaqwe ngamaphoyisa esemzini wakhe ngalo usuku lwesigameko, uvelile eNkantolo yeMantshi yaseManguzi, icala lahlehla. Kulindeleke ukuba aphinde avele enkantolo khona maduze.

Previous articleBazimisele ngokulungisa isimo
Next articleBalufake enkantolo “elokunqwaha’ koNyazi