Ugweme ukuziqhatha nePSL ngeChiefs

886

UMcCarthy unqume ukuwuhlaba inhlali ngenkunzi kanondweba

UMQEQESHI woSuthu uBenni McCarthy ezakhe ezibanjwe inkunzi ngephe-nathi engekho zibhekene neKaizer Chiefs kuba ngu-1-1 koweligi
ngoMgqibelo eThekwini. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA
UNCAMELE ukuvala umlomo ngokubanjwa inkunzi isidana kweki-labhu yakhe uBenni McCarthy ongumqeqeshi wamaZulu FC ngenxa yokwesaba ulaka lwePremier Soccer League (PSL).
IKaizer Chiefs iphuce uSuthu iqatha emlonyeni ngesikhathi la makilabhu ebambana ngo-1-1 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eKings Park Stadium, eThekwini.
AmaZulu yiwona abone imbobo yepali kuqala uLuvuyo Meme-la elibeka enethini ngomzuzu ka-48, igoli lakhe lacinywa ngelikaKeagan Dolly obekuyiphe-nathi ngesikhathi somusa kano-ndweba.
USuthu lubanjwe inkunzi emi-ni kulo mdlalo njengoba uno-ndweba uJelly Chivali ekhombe iphenathi okucacele ngisho inga-ne encane ukuthi kayishayanga ngisho kumdlali oyedwa woSuthu esandleni.
Kunalokho uSuthu yilona obe-kufanele lujajelwe njengoba uLebohang Manyama weChiefs ebambe ibhola ngesandla udede unondweba wathula, kunalokho wanika iChiefs iphenathi.
Emuva kwalo mdlalo bekuli-ndelwe ukuba uMcCarthy ashiye angalazi konondweba kodwa wa-nquma ukuvele angakhulumi ngalolu daba. Kuthiwa kuningi abengakusho kodwa wanqena ukuthi iligi izomjezisa kanzima.
Ekhuluma emuva komdlalo ku-bonakala ukuthi udiniwe uMcCarthy, uthe: “Abafana bami badlale kahle kakhulu kulo mdlalo, ngeke ngibasole nakancane. Ngibatshelile ukuthi uma singe-ke sibanike izipho ngeke basenze lutho.
“Kabanabo abadlali abaseqo-phelweni eliphezulu abangakwazi ukusivula bakhe amathuba azobavulela amathuba okushaya amagoli. Kule midlalo yabo edlu-e uyabona ukuthi basacabuzela, bazama ukuhlanganisa.
“Bengazi ukuthi lokho nje ku-zobashaya ikakhulukazi uma thi-na sizosebenzisa isivinini sethu ngoba kuhlale obala zibekwa ukuthi bazovala emuva. Badla-lise umdlali wasemuva uNjabulo Ngcobo esiswini noPhathutshe-dzo Nange benoCole Alexander okucacile ukuthi bazovala emu-va.
“Ngaleyo ndlela sisebenzise isivinini sikaMemela, uMaduna (uSphesihle) noCeesay (uMatarr) kwasisebenzela sashaya igoli elihle.
“Besingashaya amanye amagoli basizwe ngunozinti. Emuva kwa-lokho sibavumelile babuya um-dlalo siwuthwele sahluleka wu-kuvikela igoli lethu ngemizuzu yokugcina,” kusho uMcCarthy.

Previous article‘Imbokodo mayingavumi ukuhlukunyezwa’
Next articleuDokotela “uphume phambili ecaleni lokuthumba”