ugxeke abadlali kwephuka irekhodi

985

SENZO SOKHELA
UWUQONDISE kubadlali bakhe umunwe u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ezakhe ziguqiswa okokuqala ngale sizini.
IChiefs ihlulwe yiPolokwane City ngo-1-0 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto. Igoli okunqobe ngalo iPolokwane kube yiphenathi evalelwe enethini nguJabulani Maluleke. IChiefs iye kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba ibingakaze yehlulwe ngale sizini. Nokho iPolokwane ilephulile leli rekhodi phambi kwabalandeli beChiefs abasale bebambe ongezansi.
UMiddendorp uwuqondise kubadlali bakhe umunwe ngalokhu kwehlulwa.
“Bekungesiwona umdlalo wethu lona, besidlala kakhulu amabhola amade. Ludlale kahle udonga lwabo lwasemuva, belungagqobhozeki la-pho simatasa sidlala amabhola amade. Siwatholile amathuba abe-ngenza sithole iphuzu kodwa sangawasebenzisa. Abadlali kufanele bazisole bona ngalo mphumela bazenzele bona phansi,” kusho uMiddendorp.
UZlatko Krmpotic ololonga iPolokwane, uthi ubazi ukuthi bazoyishaya iChiefs.
“Siye kulo mdlalo siyitadishe kahle, sahlaziya bonke ubuthaka bayo. Konke kuhambe ngokohlelo lwethu kulo mdlalo. Ngijabule ngendlela engachazeki ngalo mphu-mela. Ngiyababongela abadlali bami,” kusho uKrmpotic.

Previous articleBekunosizi kufihlwa izingane ezibulewe
Next articleuPHOXILE UGONYA EHLULWA YIBHOKISA LASETANZANIA