Uhalela ukudlala kuma-Olympic

895

UKekana unesifiso sokubizelwa eqenjini lika-U/23 eliya eJapan

SENZO SOKHELA

UHLOMPHO Kekana ongumdlali weMamelodi Sundowns uthi unesifiso sokugijima kuma-Olympic ngonyaka ozayo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UTHANDAZELA ukuqokwa ukuba ayodlala kuma-Olympic Games uHlompho Kekana ongukaputeni weMamelodi Sundowns ezobhekana neBidvest Wits kowe-Absa Premiership namuhla ngoLwesibili ngo-19h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IDowns iya kulo mdlalo nje, ihambela phezulu kwazise isanda kwethweswa umqhele wokuba yizingqwele zeTelkom Knockout emuva kokuba ihlule iMaritzburg United ngo-2-1 kowamanqamu ngoMgqibelo kusihlwa kuyo le nkundla yaseThekwini.
UKekana ekhuluma nabezindaba izolo ngoMsombuluko emini, kwelinye lamahhotela aseMhlanga, uthe kuyisifiso sakhe ukugijima kuma-Olympic neqembu lesizwe
lakuleli lika-U/23 elidume ngamaGlug-Glug.
Ama-Olympic azokuba seTokyo, eJapan ngonyaka ozayo. Iqembu lika-U/23 linelungelo
lokuqoka abadlali abathathu abaneminyaka engaphezulu kuka-23 ubudala ukuba yingxenye
yama-Olympic.
“Sengikwenze konke ebholeni kodwa inhliziyo kayaneli njengoba kukuningi engisakufisa. Nokho ngeke ngikhulume amanga isifiso sami esikhulu wukuthi ngiyodlala kuma-Olympic ngonyaka ozayo.
“Uma lingavuleleka lelo thuba ngingalibamba ngazo zombili.
Uma benesifiso sokungiqoka ngikhona. Ngike ngamtshela nomqeqeshi wethu ukuthi ngiyakufisa ukuyodlala kuma-Olympic, naye uyazi,” kusho uKekana.
Ephawula ngomdlalo weWits, uthe: “Okwenzeke emdlalweni weMaritzburg sesidlulile kukhona. Veleke thina sesazijwayeza, kasisajabuli uma sinqobe izinkomishi, sesishiyela kubalandeli bethu kube yibona abajabulayo.
Kulo mdlalo sizoya sizilungiselele ngokweqophelo eliphezulu.
“Kasinendaba negebe lamaphuzu awu-10 elivulwe yiKaizer Chiefs, into emqoka kithina
wukunqoba imidlalo yethu, sithathe umdlalo ngamunye.
IChiefs ingakhohlwa ukuthi ike yenzeka le nto phambilini ivule igebe lamaphuzu awu-11 kodwa iligi yagcina inqotshwe yithina.
Nakulokhu sisengakuphinda lokho,” kusho uKekana.

Previous articleInkosikazi iboshwe ‘nesoka elisha’ kwelokufa komyeni
Next articleUthuswe “wukuhlaselwa” ngumngani u-Ali