UHlabisa ubhonge emswaneni ngokudlula kukaStekeni nomfowabo

1230

NONHLAKANIPHO SHINGA

UBHONGE emswaneni ngokudlula kukaMfu Erlo Stegen uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa (ofake uthayi), obehambele umndeni wakwaStagen, KwaSizabantu Mission. UMnu Hlabisa ubeyokhalisa lo mndeni kwazise ngeSonto ubungcwaba umfowabo kaMfu Stegen, uMnu Heino Stegen, odlule emhlabeni kuqala kunomfowabo. Ubehambisana nezimeya ze-IFP namanye amalungu aleli qembu. Kuzokhumbuleka ukuthi uMfu Stegen ubejwayelane kakhulu noMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Inkozo yomngcwabo kaMfu Stegen izoba ngeSonto khona KwaSizabantu Mission.
“Siyazi ukuthi njengoba sizonikhalisa njengomndeni, ngempelasonto esiphuma kuyona benifihla futhi ubaba wenu, uMnu Heino Stegen, kanti nangalo leli sonto nizobe nifihla futhi ubaba wenu, uMfu Stegen. Sithi phephisani ngoba siyazi ukuthi ukudlula kukababa kunzima kakhulu kwazise usuke eyinsika nesisekelo somndeni,” kusho uMnu Hlabisa.

Previous articleUnxuse abalandeli ukuba baqhele ezindabeni zabaculi
Next articleIzinhlelo zeChiefs ngoDove