Uhlambuluke kumqeqeshi odlisele iChiefs

578

Ubethe uzizwa engekho qatha ngokwanele

SENZO SOKHELA
UHLAMBULUKE kumqeqeshi weKaizer Chiefs umdlali osolwa ngokuba yimbangela yokuthelwa ngehlazo kwale kilabhu yiMamelodi Sundowns kuba ngu 4-0 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama eLoftus Stadium, eTshwane. Emuva kokuba iChiefs inikwe izifundo zamahhala zikanobhutshuzwayo yiDowns, okunezikhawu lapho ibidlala khona sengathi isejimini, u-Arthur “10111” Zwane ongumqeqeshi waMakhosi, uvumile ukuthi bebengekho kulo mdlalo. Uveze ukuthi uSiyabonga Ngezana (23), osolwe ngokuba yikhongco elibuthaka kulo mdlalo, empeleni uze kuye ngaphambi komdlalo wamazisa ukuthi uzizwa engekho qatha ngokwanele.


“Ungumdlali wethu onekhono kunabo bonke lokumaka indoda uma imuqonda ngqo. Ngebhadi ubengesiyena kulo mdlalo. “Ngicabanga ukuthi nedolo limumise kabi. Uke weza kimina wathi akazizwa kahle, akekho qatha ngokugcwele kodwa uzozama ukudlala ngokuzinikela,” kusho uZwane. Okwenze uNgezana wasolwa ngokudlisela iziMpofana kulo mdlalo wukuthi uphisane ngegoli umdlalo uqala nje, wanika uGaston Sirino ibhola, walibeka enethini. Kakuphelanga isikhathi esingakanani, wadonsa uPeter Shalulile ebhokisini, unondweba wabeka iphenathi. UShalulile uyibhakuzisile kwaba wu-2-0. UZwane umkhiphile ngesiwombe sesibili wafaka uNjabulo Ngcobo.


UNgezana bayamnephuza abathandi beChiefs ezinkundleni zokuxhumana njengoba bemungcofa ngendlela adlale ngayo, abanye baze balibeke ngesihloko elokuthi uyinkomo. “Ngebhadi kwenzeke lokhu okwenzekile, sagcina sesimkhipha yize besingafuni ukuphazamisa udonga lwethu kwazise babambisene kahle noZitha Kwinika. “Kuzofanele adlule kokwenzekile ngoba baningi abadlali abasazowenza amaphutha. “Kodwa yena noma kanjani uzobuya, futhi uzobuya ngamandla,” kusho uZwane. Amagoli eDowns kulo mdlalo ashaywe nguSirino, amabili kwaba ngakaShalulile nelika-Ahmed Nasir. UKhama Billiat weChiefs uthole iphenathi, yabajwa ngunozinti uRonwen Williams.

Previous articleGrocery Vouchers – Winners
Next articleBantante nesidumbu bevinjwa ukungcwaba