Uhlanze lonke iqiniso ngokubulala uyise athi ubengamzali

528

Usale enkundleni edubulana namaphoyisa emzini kayise

UZIPHO Sibiya (26) ofe edubulana namaphoyisa emuva kokubulala uyise emasontweni ambalwa edlule.

NOMFUNDO NGWANE
UTHOLANE phezulu namaphoyisa amthela othulini esebaqedile abantu ebabamba inkunzi owesilisa waseNquthu, obesekubhaceni, ebalekela icala lokunquma abulale uyise, obesezothatha umhlalaphansi emsebenzini, ngoba ecasulwa wukuthi akambhalile emafeni futhi unqaba nokumnika imali yokuthenga izidakamizwa. ILANGA langomhla ka-18-22 kuNcwaba (August), libike kabanzi ngokubulawa kukaMnu Sipho Sibiya (62) obesebenza kuMasipala waseBaqulusini, okuvele ukuthi ubulawe yindodana yakhe, uMnu Zipho Sibiya (26), ebingunogada wakwaFidelity. Kuvele ukuthi uZipho uqede ukubulala uyise, wadlulela kuza-kwabo wayombulala ngoba efuna imoto yomsebenzi ukuze ayolahla isidumbu (sikayise).


Leli phephandaba lithole ukuthi umsolwa utholwe ngamaphoyisa esephenduke umgulukudu obukhomba abantu ngesibhamu, ubaphuce ukudla ayokudla njengoba ebesebhace emgedeni, abuye anyonyobe ayogqekeza, ayolala emzini kayise. Kuthiwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ngamalungu omphakathi amfanise enyonyoba eyongena kubo eVryheid. Afike egaxe izibhamu ezimbili, esikayise nesakhe somsebenzi, kwaba wukuwabona nje, wavulela ngenhlamvu ebhekise kuwona. Aphendulile, wagcina esale enkundleni. Umthombo weLANGA uthe ngaphambi kokuba kuphume umphefumulo, utshele amaphoyisa ukuthi okumenze wabulala uyise, yingoba ubesethole iqiniso lokuthi akamzali.


Umthombo uthi amaphoyisa amthole nomjovo onezidakami-zwa, okungaziwa ukuthi ubezithathaphi. Odabeni olwedlule, kuvele ukuthi uZipho ubehlala noMnu Sibiya emzini wakhe oseVryheid, besondelela umsebenzi njengoba bobabili bebesebenzela khona. ILANGA likhulume nodadewabo kaZipho, uNkz Celiwe Sibiya (38), okuqinisekisile ukuthi usetholakele, kodwa ugcine edutshulwe ngamaphoyisa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa agcine emtholile umsolwa, wazama ukuwadubula kodwa kwagcina kusale yena enkundleni.
nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUsizi olubhekene noNdlunkulu uGwabini
Next articleInjabulo aboSuthu botha iSilo