Uhlasele wagwaza umndeni wentombi

1197

Kulimale nosana olunonyaka luzelwe

SKHOSIPHI MTHEMBU

UNKZ Ntombizodwa Ngubane ekhombisa amanxeba okuthiwa uwagwazwe
yisinqandamathe sakhe. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

UHLELI lubhojozi umndeni wakwaNgubane nowakwaNdimande, eShongweni Dam,
ngaKwaNdengezi, eThekwini, ngenxa yowesilisa oshaye utshani emuva kokucishe abhubhise umndeni wakubo kwentombi yakhe (kwaNgubane). Ugwaze amalungu awo amane mhla ka-14 kwephezulu, kwathi ngakusasa wabhozomela umshana wakhe, wakwaNdimande, ezama ukumdlwengula.
Okwethusa kakhulu le mindeni wukuthi umsolwa ubonakele ngoLwesine olwedlule, eya kwaNdimande lapho abehlala khona kodwa wahujwa wumphakathi, wathi galo yephuka. Kumanje akaziwa ukuthi ukuphi.
Lo mlisa ILANGA elinalo igama lakhe, kuthiwa uthusane nentombi yakhe enguNkz Ntombizodwa Ngubane (36) emuva kokuba efune ukugoduka nayo, yenqaba.
Kubikwa ukuthi kube sekungenelela umndeni kaNkz Ngubane, umsolwa wavuka indlobane,
wagwaza uNkz Thobekile Ngubane (66), uNkz Sarah Ngubane (33), uNtombizodwa noKhethelo Ngubane ononyaka ezelwe.
Ngakusasa uhlasele umndeni kadadewabo lapho kuthiwa ufike khona wafuna imali kumshana wakhe, uNkz Hlengiwe Ndimande, obehleli yedwa ngaleso sikhathi. Kuthe uma engayitholi, wakhipha ummese wamphoqa ukuba akhumule bese elala phansi.
Kuthiwa uNkz Ndimande usizwe wukuzilwela, wawubamba ummese, wagcina ekwazile
ukudlubulundela, waphumela ngaphandle wabiza omakhelwane.
Umsolwa ubalekile kodwa kuthiwa uyabonakala endaweni, futhi unokubesabisa ngokuthi uzobuya azoqedela akuqalile. Elandisa ILANGA uSarah, uthi indaba iqale ngesikhathi kusuka ingxabano kudadewabo nesoka lakhe ebusuku.
Uthi bavukile bethi bayolanda ingane kuyena ngoba bezwa ukuthi iyakhala. “Sithe sifika kubona, umama wacela ingane, okuthe singazelele u…(egagula umsolwa ngegama), wadonsa ummese wagwaza umama esifubeni.
“Sizamile ukukhuza kodwa wangigwaza ekhanda nami. Uqhubekile wagwaza ingane naye udadewethu. Uma ngingaphosisi, udadewethu umgwaze amanxeba angaphezu kuka-14, umama yena wamgwaza awu-7. Ngikhuluma nje, kubi kumama esibhedlela,” kusho uNkz Ngubane.
Uthi okubethusa kakhulu wukuthi lona wesilisa uke washaya ucingo ebasabisa ngokuthi usazobabulala. UNkz Ndimande uthi sebephilisa okwezinyamazane kubo selokhu behlaseliwe. “Uthe mangikhumule zonke izingubo bese ngilala phansi, ngenxa yokuthi bengibona ukuthi uhlose ukungidlwengula, ngivele ngawubamba ummese, salwa engiklinya.
“Ugcine engisikile ngommese kodwa ngakwazi ukudlubulundela, ngabaleka, ngabiza omakhelwane,” kusho yena.
Utshele ILANGA ukuthi useyesaba ukulala kubo ngenxa yalesi sigameko. “Ngisho ubaba akasamfuni lapha ekhaya selokhu enze le nto. Nakhona komalume kabamfuni ngoba kasimazi ukuthi ungenwe yini,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe akhona amacala avuliwe okuzama ukubulala kodwa bekungakaboshwa muntu.

Previous articleUgxeka uhlelo lwesithembu
Next articleImikhuleko ngesimo sikaShabalala weMambazo