SKHOSIPHI MTHEMBU
USEKUBHACENI owesifazane waseThembeni, KwaDukuza kulandela isigameko sokuhlaselwa, ashaywe ngesando nendodana yakhe eneminyaka emine, okusolwa ukuthi kwenziwe ngowesilisa amvulela icala lokumdlwengula. Lo wesifazane esingeke simdalule ukumvikela, uveze ukuthi lesi sigameko esenzeke ngoZibandlela (December) wonyaka ophelile sesimphoqe ukuba bashiye ikhaya. Uhlengezela izinyembezi uma echaza ngokuhlukumezeka kwakhe okwaholela ekutheni avule icala njengoba ethi umsolwa wayesemphendule isigqila sakhe socansi, emsabisa ngokumbulala nomndeni wakhe uma eke wambophisa. Uthi emuva kokuhlaselwa ngoZibandlela ungeniswe esibhedlela kanti uze waphuma kule nyanga.
“Ngosuku lokuqala engidlwengula ngangivakashele udadewabo, siyazana naye namanye amalungu omndeni. “Kwathi sisahleli umsolwa wangibizela kwelinye igumbi, efuna ukukhuluma nami. “Wafika wangiphoqa ukuba ngilale naye wangisabisa ngokuthi uma ngike nganqaba noma ngakhuluma, uzokwenzakalisa umndeni wami wonke. “Ngenxa yokuthi ngangimsaba, futhi ngimazela ukuthi uke waboshwa phambilini, ngithulile. “Ngamxoxela udadewabo, ngamcela ukuba angaxoxeli muntu ngoba bengisaba. “Esigamekweni sesibili, wangifikela ekhaya wangidlwengulela khona. “Ngangisele nogogo, wangidonsela emnyango waya nami emuva kwendlu yangasese, wangisabisa ngokuthi uma ngike ngamemeza, uzongena endlini enzakalise ingane yami nogogo.
“Akagcinanga lapho, izikhawu zaze zaba ziningi. “Ngabe sengibhalela ilungu lomndeni wami incwadi ngilazisa ukuthi ngiyahlukunyezwa ngowesilisa, ongidlwengulayo. “Kuyiwe kubo kuyokhulunywa. “Umndeni wakhe wathi okungenani mangimfakele incwadi yesivimbelo sasenkantolo. Lokhu akwehlanga kahle kimina, ngaya emaphoyiseni ngayovula icala. “Waboshwa emuva kokuba ngivule icala, wadedelwa ngebheyili, wanyamalala. “Kuthe ngomhla ka-3 kuZibandlela ngilele nendodana yami nengane kadadewethu, kwangena umuntu, wangishaya ngesando ekhanda. “Ingane yami yavuka yangimemeza, wayibona wabe esedlulela kuyona nayo wayishaya ngesando, ekadadewethu yaphuma ngewindi,” kusho yena. Uthi okumphatha kabi wukuthi amaphoyisa azithela ngabandayo ngalolu daba, ambuza ukuthi kungani asole lona ambophisa ngokuhlaselwa kwakhe.
Uthi useyenqena nokulandelela udaba njengoba ezibona esewumthwalo kuwona amaphoyisa. ILANGA LangeSonto liyizwile inkulumo yomphenyi wecala ayithumele kulona wesifazane ethi umfakela ingcindezi. Kule nkulumo, umphenyi utshela lona wesifazane ukuthi unenqwaba yamacala awasebenzayo, mhlawumbe elakhale ngelesi-295 kwangu-300. “Engikufisayo wukuthola ubulungiswa ngento eyenzeka ngoba ngizizwa ngingaphephile.” Okhulumela amaphoyisa uConst Thenjiswa Ngcobo uthe likhona icala lokudlwengula elavulwa, kwaboshwa umsolwa oneminyaka ewu-22 kodwa lahoxa enkantolo. Uphinde waqinisekisa ukuthi likhona nelinye icala lokuzama ukubulala elivuliwe emuva kokuba izisulu ezimbili zishaywe ngesando ekhanda kanti amaphoyisa asaphenya.