UHLAWULE NGEZINKOMO NEZIMBUZI UMNDENI’WOBULALE’ ISANGOMA

261
UNKK Cabangile Mlungwana obulewe.

NONHLAKANIPHO SHINGA
UHLAWULISWE izinkomo ezimbili nezimbuzi ezintathu umndeni wowesilisa osolwa ngokushaya abulale ngogodo isangoma, uNkk Cabangile Nomthandazo Mlungwana (66), ngeledlule eMfekayi, eMtubatuba. Kuthiwa isenzo somsolwa (26), ongumakhelwane kamufi, sishiye abaningi bekhungathekile, okubalwa nabomndeni wakhe, njengoba kuthiwa uvele waqonda kuNkz Mlungwana, wamshaya waze wambulala ngogodo. Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa kuthe ngezikhathi zabo 11 ekuseni, umsolwa waya ensimini kuNkk Mlungwana etshala, wafika wangakhuluma lutho, wamkabha ikhanda lahlukana kabili wawela phansi. Kuthiwa wabe esemgxokogxa ngalo lulo ngodo umzimba wonke, wamshiya efahlakile ‘sengathi ushayiswe yiloli’.


Kuthiwa ngesikhathi enza konke lokhu kakukuningi abekukhuluma ngaphandle kokuthi; “Lo mama lo”. ILANGA likhulume noMnu Thokozani Mlungwana, oyindodana kamufi, othe basakhungathekile ngokwenzekile. “Lokhu kwenzeke phambi kwabazukulu abayisithupha nodadewethu ababili, okuyibona abebesekhaya, abathe bayakhuza kwanhlanga zimuka nomoya. “Uthe uma eqeda ukubulala umama waqonda ngqo ezinganeni nodadewethu, efuna ukubashaya, babaleka baze bayobhajwa engwaqweni u-N2, okuyilapho kube sekungenelela abathile ababasizile,” kusho yena. Uthi okubaxaka kakhulu wukuthi umsolwa ubejwayelene kakhulu nonina nokubenza bangaqondi ukuthi kungani embulale ngesihluku esingaka.


“Besingamjwayele kangako umsolwa, kunalokho bebejwayelene nomama ngoba ubethi noma edlula ngasesangweni ambingelele. “Sikhethe ukuthi sixoxisane nomndeni womsolwa ngemuva kokuba abazali bakhe becele ekhanseleni nasenduneni ukuhlangana nathi, bachaze isimo,” kusho yena. Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa umndeni womsolwa ucele ukuhlangana nowesisulu ukuze baxolise ngesenzo sendodana yawo, wachaza ukuthi ingumuntu ophila nokuphazamiseka engqondweni. “Waba sengozini yemoto, walimala ekhanda nobekuke kwenzeke ngesinye isikhathi avukwe wukugula,” kusho umthombo waleli phephandaba. UMnu Mlungwana uthi njengomndeni bavumile ukuhlangana nomndeni womsolwa ngoba bangabantu abazanayo, ngisho uyise (kaMlungwana) noyise womsolwa babengabangani.


“Silwemukele uxolo abebezolucela ngenkomo nezimbuzi ezimbili, kodwa ngenxa yokuthi umama ubengugobela, miningi imisebenzi okumele yenziwe njengoba ebulewe ngalolu hlobo. “Umsolwa umhlakaze ikhanda, kumele kugezwe lokho kuphinde kugezwe nesigodlo sakhe. “Yingakho sithe kumele bahlawule ngezinkomo ezimbili nezimbuzi ezinhlanu. “Babe sebekhala bacela ukuhlawula ngezinkomo ezimbili nezimbuzi ezimbili.” UMnu Sifiso Mfekayi, oyinduna ngaphansi kobukhosi bakwaMkhwanazi, uvumile ukuthi bakhethe ukuyihlanganisa le mindeni ngoba iyazana futhi bebezama ukugwema ukuthi umndeni kamufi ugcine nawo uphakamelwa wumoya. “Bekuqala ukuthi sizwe into enjengalena endaweni. “Ngoba umndeni womsolwa yiwona ocele ukuyoxolisa, sibone kukuhle singenelele njengabaholi emphakathini ngokubambisana nekhansela uMnu Phila Mthiyane waku-ward 21,” kusho uMnu Mfekayi. ILANGA lihabule ukuthi amaphoyisa athwale kanzima esezama ukubopha umsolwa njengoba kuthiwa kwawona ubesho ukuwajuqa ngegeja. Kuthiwa kuze kwangenelela umphakathi wazibambela wona mathupha umsolwa. “Kumanje usesibhedlela, egunjini labagula kakhulu ngoba umphakathi uthe ukumbeka izandla kwazise ubelwa ngendlela eyisimanga,” kusho umthombo. Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umsolwa uvulelwe icala lokubulala.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUZONCELISA AMAWELE USOMIZI KUMABONAKUDE
Next articleUkhuza ibuya kumabonakude owaduma kwiGenerations