Uthe ubengafuni udaba luze lufike kwabomthetho
MTHOBISI SITHOLE
ISITHOMBE: YINQOLOBANE YELANGA
UHLAWULISWE wumndeni wentombazane evela kwi-video yakhe sengathi kwenziwa ucansi umculi kamaskandi, uMthokozisi “Njoko” Mbambo obesematheni ngeledlule emuva kokuba le video yengoma yakhe entsha ethi, “Dali Ungabanaki” isabalale ezinkundleni zokuxhumana.
ILANGA lithole ukuthi lo mculi odabuka eNkungumathe, eNkandla, ubizelwe esigcawini wumndeni ka-Esihle Diphu (18), obukhala ngokuthi uveze ingane yawo njengononkiloyi.
Kuthiwa ugcine exolise ngemali (engadalulwanga) kulo mndeni obesekukhona noninalume wentombazane (Esihle) abebevutha bengabaselwe. Umhlangano kuthiwa ubungoLwesine ebusuku, ePretoria, kubo ka-Esihle.
Umthombo weLANGA obukhona ngesikhathi lo mculi ehlawula, uthi bebengafuni nakuzwa oninalume bentombazana.
“Umhlangano uthathe amahora amabili, isimo besishubile ngenxa yokuthi abantu abaningi kabahambisananga nale video, nawo-ke umndeni wazibona usunecala ngale nto,” kusho umthombo.
Ebuzwa ngokuzisola kwalo mculi, unina ka-Esihle owala waphetha negama lakhe nasodabeli olwedlule lweLANGA, olwaphuma ngoLwesine uphikile ukuthi zikhona izingxoxo ezenziwe zokulungisa lolu daba.
UNjoko utshele ILANGA ukuthi uzisolile emndenini ngemali angathandanga ukuba idalulwe.
“Okwenze ukuba ngihlawule, wukuthi umndeni ubusukhala ngokuthi ngibukisa ngawo ngoba uyisizwe samaXhosa, ngiwenza inhlekisa kwesethu isizwe (samaZulu).
“Ngibone kukuhle ukuba ngivume ukusolwa, ngiyikhokhe nenhlawulo elingana namandla ami ngoba bese ngibona ukuthi nentombazane sebeyiguqule umqondo, sekungaze kufinyelele kwezomthetho,” kusho uNjoko.
Uthi uhlawule ngalokhu okuncane obekungangamandla akhe, kodwa ubengaphoqelekile ukukhipha obekulindelwe wumndeni ngoba akazange ayiphoqe intombazane futhi akazange adlwengule.
“Mhlawumbe ukuba bengiyiphoqile intombazane, bengiyohlawula ngetshe lemali,” kusho uNjoko.
Lo mculi uthi uwuchazelile umndeni nokuthi kayikho imali azoyenza ngale video. NgoLwesine olwedlule unina ka-Esihle watshela ILANGA ukuthi ingane yakhe yenza uGrade-12 eHofmeyr Secondary School, isihlazekile ngisho esikoleni ngenxa yale video.
Uthi ukuba wayenalo ulwazi lokuthi kuzoshuthwa umbukiso onjena, wayengeke avume nengane yakhe.