Uhlehliselwe unyaka ozayo owoSuthu neDowns

417

NHLANHLA HUDLA

USUHLEHLISELWE unyaka ozayo umdlalo  weDStv Premiership phakathi kwamaZulu FC neMamelodi Sundowns, obuhlelelwe ukugijinywa ngoLwesithathu ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguBrilliant Mkhathini wezokuxhumana oSuthwini, othe abalandeli abesebethenge amathikithi banxuswa ukuwagcina kahle ukuze babuyiselwe imali ngenxa yokuthi lo mdlalo sewuzogijinywa ngomhla ka-14 kuNhlaba (May) wangonyaka ozayo.

Uqhube ngokuthi baphuphuma injabulo njengoba bedlulele kowandulela owamanqamu weCarling Black Label Knockout.

“Siyabonga ukwesekwa esikuthole kubalandeli kulo mdlalo,” esho.

USuthu lwehlule omkhaya balo, iGolden Arrows ngo-3-0 kwi-quarter final.

Ukuhlehliswa kwalo mdlalo kungenxa yokuthi iSundowns izobe ilungiselela umlenze wesibili womdlalo wamanqamu we-African Football League ezowudlala ne-Wydad Casablanca yaseMorocco. 

Lo mdlalo ukuba ngeSonto ngo-15h00, ePretoria. Bekufanele udlalwe ngoMgqibelo kodwa kwashintshwa usuku ngenxa yeSoweto Derby engosuku olufanayo eGoli.

Previous article“Kuthinteka” nowomndeni ekubulaweni kukasomatekisi obengusaziwayo
Next articleBebebulala inyoka esikhumbuzweni sikaShenge