Abantu bebefisa ngisho ukuzifikela ngqo kuye
INTATHELI YELANGA
UHLOKOLOZE isidleke seminyovu likhipha umkhovu etsheni izolo ngeSonto ezinkundleni zokuxhumana owesifazane ojivaze uMiss South Africa wanonyaka, uZozibini Tunzi (osesithombeni), ethi akamuhle nhlobo ukuthi angayomela iNingizimu Afrika kuMiss Universe ose-Atlanta, e-USA mhla ka-9 kwephezulu.
Lona wesifazane ozibiza ngo-@Amaze_M, kuTwitter, uchaze uZozibini njengesinqunywakha-nda esifana nomfana, ebesingafanele ukunqoba kuMiss South Africa, wathi abakuleli mabayeke ukuzenza iziwula (ngokuthi uZozibini anganqoba kuMiss Universe.)
Eminye imibhalo yakhe ifundeka kanje: “Ngubani owaqoka lo Zozibini ukuba abe nguMiss South Africa? Ngiyakhumbula ukuthi u-Anele Mdoda wayekhona ethimbeni lamajaji ngalolo suku, sengiyabona ukuthi kungani (waqokwa uZozibini).”
Kukhona abamhlaselile lona wesifazane, baze bakhuluma nge-status sakhe lapho kuvela ukuthi uyakholwa. Ube esephendula ethi: “Manje-ke zonke lezi zinhlanya zicabanga ukuthi ngoba nakhu ngingumntwana kaNkulunkulu ngeke ngibeke imibono yami. Uyathanda noma kawuthandi, uZozi akamuhle. Empeleni nje, ngizomkhulekela naye namhlanje.”
Yize bekhona abavumelane naye, kodwa iningi belifisa ngisho ukumbonela eduze ukuze lizikholise ngaye. Ubizwe ngenqwaba yamagama amabi, bebodwa abebethi ungumthakathi isibili. Abanye bambize ngamagama abathakathi abaziwa emidlalweni ehlukene kamabonakude. Abanye bebethi unguMamjiji – owayedlala emdlalweni wamahlaya uMa-dluphuthu, abanye bethi nguBaba Yaga, okungumthakathi okuthiwa wayebuye aziveze eyiziqu ezintathu ezinganekwaneni zamazwe okubalwa kuwona iRussia, Slovakia, iCroatia neBulgaria.
Abanye bebefaka izithombe zezilwane abebethi zifana nale ntokazi engaqali ukuvela kwiTwitter ngezindaba ezimbi. Ngomunye uNhlaba (May) ike yahlasela uDJ Zinhle kwiTwitter ya-bhala ukuthi: “Nami bengingamjolela umuntu wami ngingu-AKA. Lo DJ Zinhle wenu, hhayi khona! Uphi uBonang ukuze abantu bezobona ukuthi kugqokwa kanjani? UDJ Zinhle udinga ukulungiswa, le nto yakhe yokubukeka njenge-tomboy kayihehi.” Wabhala lokhu emuva kwalokho wafaka isithombe sikaDJ Zinhle egqoke udangara wawubeka esi-swini, efake nokwangaphezulu okumakhifikhifi.
Nansi eminye mibhalo ebibhe-kiswe kule ntokazi engu-Amaze_M
U-@SaneleSkhonza uthe: “UMiss SA ngeke aze asale ngisho kwabawu-10 noma abawu-5 kulo mqhudelwano, kunalokho osimele kuMiss World nguyena osethubeni lokubuya nomqhele. Yiqiniso elingephikwe lelo.”
U-@BrotherSabelo uthe: “Okusalayo uyindlovukazi (uZozibini). Nguyena ohamba phambili eNingizimu Afrika, ngokusho kwamajaji kaMiss South Africa. Uma engaphumelelanga (kuMiss Universe) kuyobe kungaqali nga-ye futhi kungagcini ngaye.”
U-@MissPruuh uthe: “Nizoke niboneke ebuya naso isicoco.”
Ubuyile u-@SanleSkhonza wathi: “Ngalelo langa siyobona izingulube zindiza.”
U-@IssaBlack_Queen uthe: “Yingoba emnyama futhi enezi-nwele ezimfushane kunokuba abe yikhaladi nezilwele ezinde?”
U-@Ace_4_Stacks uthe: “Noma ungaze ube mhlophe ngebala, kodwa ngeke ube njengoZozi. Unqobe isicoco sikaMiss SA emnyama enjalo. Kuyakudla ukuthi ukukhanya ngebala akusadlisi. (UZozi) Unqobe ngaphandle kwezinwele zokufakelwa nesikhu-mba esiwumbombayi. Ubulawa wumona nje, ngeshwa kalikho ikhambi lawo. “
U-@Triqqa_Z uthe: “Ngubani-ke okhulumayo sengathi yinhlanzi ososayensi abakholwa wukuthi uhlobo lwayo lwashabalala kudala