Uhlonishwe ngokwehliswa kwefulegi uMadlala

650

INTATHELI YELANGA

UHLONISHWE yi-ANC KwaZulu-Natal ngokwehlisa ifulegi layo okwesikhashana umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnu Protus Madlala (75), odlule emhlabeni ngoLwesihlanu emuva kokuxinwa wukugula. Leli qembu likhiphe isitatimende lidlulisa ukuzwelana nomndeni wakwaMadlala, yizihlobo, abangani nozakwabo balo mhlaziyi. 

“Sithi ake sikhokhe umoya, sikhumbule uHlokohloko (okuyisithakazelo sakwaMadlala) ngemibono yakhe emihle nokugxeka okwakhayo, okusize kakhulu ukunika umphakathi wakithi umkhombandlela,” kusho leli qembu esitatimendeni. 

UMnu Madlala ungomunye wabahlaziyi obekulula ukumthola kwabezindaba uma befuna ukuhlaziya kwakhe. Iqhuba i-ANC, ithe: “Njenge-ANC KwaZulu-Natal, kasizenyezi ngokuphumela obala sithi izigcweti ezifana noHlohlokoko zibambe iqhaza elibabazekayo ekukhuliseni uhlelo lwethu lwentuthuko, hhayi KwaZulu-Natal kuphela, kodwa nakuzwelonke.”  

UMadlala owazakhala igama eyintatheli kwelinye lamaphephandaba esiNgisi aseThekwini ngeshuminyaka lika-1980, wake wathi qu e-USA eyofunda, wabuya eyikazela yiDegree in International Communication. Waba yingxenye yamalaungu okuqala eSouth African National Civic Organization (SANCO) neCongress of South African Trade Unions (COSATU). Wahlonishwa ngendyndo i-Order of Luthuli.

Previous articleOsopolitiki bethu ngomafika muva njengephunga lomsuzo
Next articleUbonge abantu baseNingizimu Afrika umndeni kaShenge