Uhlukene phakathi umndeni embangweni webandla

311

LUCKY CAINĀ 

WEHLUKENE phakathi umndeni kaSolwazi Joseph Shabalala (ongasekho)
ongumsunguli weLadysmith Black Mambazo, mayelana nombango wobuholi beChurch of God of Prophecy in South Africa ezinze KwaDabeka, eThekwini, ebiholwa ngumfowabo, uDkt Enoch Shabalala, naye ongasekho, njengombhishobhi walo. 

Kuthiwa uMnu Nkosinathi Shabalala – oyindodana endala kaSolwazi Shabalala – noNkz Hlengiwe Shabalala oyindodakazi kaDkt Shabalala, basezinhlangothini ezahlukene kulolu qhekeko. 

Lolu qhekeko luhlale obala ngesikhathi uhlangothi oluhambisana noNkosinathi ā€œlugqekezaā€ indlu yebandla ngeSonto, ngenhloso yokukhonzela kuyona  njengoba bekuhlelwe ukuba kube khona umbhishobhi omkhulu, uMzwandile Gumede, eyolivula kabusha. 

Kusukela kwashona uDkt Shabalala, kuthiwa uhlangothi oluhambisana noHlengiwe yilona obelukhonzela kuleli bandla njengoba bese luziqokele
nomfundisi walo, uMfu Mike Mthalane. 

NgeSonto ngenkathi  amanye amalungu ebandla ekhonza, amanye abemi emgwaqweni, ekhuluma amaganyana ayiziswana, abanye bebizwa ā€œngamapharaā€. 

Inkonzo iqhubekile kwazise bekunonogada
ngaphakathi nangaphandle, abanye begqoke imifaniswano, abanye bengayifakile, kubonakala ukuthi baphethe izibhamu. 

Leli qeqebana ebelingaphandle, lingene, uMfu Mthalane wachilizwa ngenkathi ethi uyohlala nabanye abefundisi phambili. 

Ugcine esehlala neqeqebana angene nalo. Ngaphakathi enkonzweni, bekuthi kuculwa noma kuthandazwa, leli qeqebana elingeneme libonakale lingeyona ingxenye yobekwenzeka. 

Ekhuluma neLANGA uHlengiwe, uthe inkinga iqale ngesikhathi besebenzisa ā€œilungelo laboā€ lokuphikisa ukuqokwa
kukamBhishobhi Gumede. 

Uthe lolu daba balufake enkantolo, okusho ukuthi uGumede akavumelekile
ukuthatha izinqumo. 

ā€œUGumede wafika wavala ukusonta kuleli bandla, wanxusa amalungu ukuba ayosontela kwamanye amagatsha. 

ā€œSabuza ukuthi ukusho kanjani lokhu ekubeni engavumelekile ukuthatha izinqumo njengoba udaba lwakhe
 lusenkantolo. 

ā€œAbanye baphuma, sasala thina, saqhubeka nokusonta,ā€ echaza. 

Uthe ngeSonto bebehlele ukuba nenkonzo yomama, kodwa yaphazanyiswa wukugqekezwa kwendlu yokukhonza. 

ā€œSiye emaphoyiseni ukuyovula icala ngoba kuwukwephula umthetho abakwenzile,ā€ kusho yena.

Uthe leli gatsha lakhiwa ngezithukuthu zikayise, ngakho-ke ngeke akuvumele ukuba kwenziwe ā€œumathandaā€. 

Uqhube ngokuthi ufuna kwenzeke ubulungiswa njengoba noyise wayesemqokile ozobahola, okunguMthalane. 

UNkosinathi uthe ukhona osemthethweni ukukhulumela ibandla. 

UMnu Sifiso Zikhali, okuthiwa ukhulumela leli bandla, uthe akukho ukwephula umthetho abakwenzile, ngoba ngesikhathi umBhishobhi uGumede elivala leli gatsha, lolu olunye uhlangothi lwafika lwagqekeza izingidi, lwafaka ezalo. 

ā€œNgenxa yokuthi kasibona abantu abathanda udlame, sibanikile ithuba lokuqhubeka basonte, kuze kuba kuqokwa umfundisi waleli gatsha,ā€ kusho yena. 

Uthe unalo ulwazi ngodaba olusenkantolo, kodwa wathi kalusho lutho ngokuqhubeka kwezinhlelo zebandla. 

Mayelana nokuqokwa kukaGumede, uthe: ā€œUmBhishobhi uGumede waqokwa yisigungu sabefundisi ngokusemthethweni, emagatsheni awu-70.ā€ 

Okhulumela amaphoyisa, uLt Col Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokucekela phansi impahla, wathi bekunga-kaboshwa muntu.Ā 

Previous articleIngqophamlando kutshalwa uShenge
Next articleUmunyu kumzukulu kaShenge