Uhoxise ukufaka esebheyili kwelokubulawa komyeni

843

SKHOSIPHI MTHEMBU

INGCINDEZI yokulandelelwa kwecala lakhe yimithombo yabezindaba namalungu omphakathi, yikhona okumenze wamisa ukufaka isicelo sebheyili uNkk Nongcebo Faith Ntombela, osolwa ngokwakha itulo lukubulala umyeni wakhe obeyiphoyisa.

Lokhu kuvezwe ngummeli wakhe, uMnu Ashwin Rughbeer, ngesikhathi exoxa
neLANGA emuva kokuba ikilayenti lakhe liqome ukulaxaza okwesikhashana ukufaka isicelo sebheyili, eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesibili. 

Ibigcwele ichichima inkantolo, amalungu omndeni nomphakathi bezozibonela uNkk Ntombela, obevela okwesibili kuyona, selokhu waboshwa ngeledlule mayelana nokubulawakukaConst Thomas Ntombela owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku. 

Amalungu omndeni abefake izikibha ezinesithombe sikamufi owabulawa ngoNhlaba (May). 

UNkk Ntombela ungene enkantolo  eboshwe izandla nezinyawo, ebukeka ekhululekile. 

Umshushisi, uMnu Khulekani Mzotho,
ucele ukuba icala lihlehliselwe umhla ka-9 kuMfumfu (October) njengoba besalinde imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu esabulala umufi. 

Uthe kusathathwa nezitatimende kwabanye ofakazi. 

Khonamanjalo, ILANGA lihabule ukuthi isiboshwa okwabikwa ukuthi sahlela itulo noNkk Ntombela, singaphakathi ejele, kulindeleke ukuba sivele maduze enkantolo, ngalo leli cala.

Previous articleUmmeli uveze “eyokuhlukunyezwa kukaMama weBhantshi”
Next articleImbibizane emndenini woshone emlilweni eGoli