Uhulumeni uhlongoza ukuphoqa oweCovid

665

Ukugoma kuthiwa yisona sikhali sokulwa nokhuvethe

UMENGAMELI uMnu Cyril Ramaphosa uthi uhulumeni uzokwenza imizamo yokuphoqa abantu ukugoma ngoba yikhona okunqanda ukufa kwenqwaba yabantu nokugula kakhulu.

NONHLAKANIPHO SHINGA
UZOBHEKA izindlela zokwenza ukugomela iCoronavirus, edala iCovid-19, kube “yimpoqo” uhulumeni waseNingizimu Afrika uma kuwukuthi izibalo zabantu abatheleleka ngaleligciwane siyanyuka njengoba sekungenise uhlobo olusha olubizwa nge-Omicron.


Lokhu kuvele enkulumweni kaMengameli Cyril Ramaphosa izolo ngeSonto. Ngaphandle kwalokho, umengameli wehlise amaphaphu ezakhamizini zakuleli ngesikhathi ememezela ukuthi izwe lizoqhubeka libesesigabeni sokuqala sokuvalwa kwalo.


Uthe kubaluleke kakhulu kunakuqala ukuba abantu bakuleli bagome, wathi ukuqubuka kwe-Omicron akumele kuqubule itwetwe kubantu kodwa kumele bahlalele ethembeni ngenxa yokuthi ukutholakala kwayo kuyimisebenzi yososayensi bakuleli abasebenza ngokuzikhandla ukubhekana nayo. Uthe kunethimba eselisunguliwe ukuba licubungule kahle udaba lokuthi abantu baphoqwe ukuba bagome.


“Leli thimba lizoyibhekisisa le ndaba ngoba kubonakala sengathi yiyona ndlela elula yokuzivikela. Iqiniso lithi akhona amanye amazwe aphoqa abantu ukuba bagome ukuze bakwazi ukuya emsebenzini noma emicimbini,” kusho yena. Uqhube wathi kubalulekile ukuba kungahlanganiswa abantu abaningi endaweni eyodwa evalelekile.

“Imicimbi yokuvalwa konyaka kumele ihlehliswe noma ingabikhona nhlobo ngoba ibeka impilo yabantu engcupheni. Uma kunemicimbi, kumele kuqikelelwe ukuthi abantu baphephile ngaso sonke isikhathi,” kusho yena. Abantu asebeshonile ngenxa yeCovid-19 kuleli balinganiselwa ku-89 791.

Imilindelo nemicimbi ngemuva komngcwabo namanje isavaliwe. Umengameli ukhuluma kanjena nje, imbumba yosomabhizinisi, iBusiness for South Africa (B4SA), inxuse uhulumeni ukuba uphuthumise indaba yokuqinisa imigomo kubantu abasebenzisa izizinda zomphakathi ezingasetshenziselwa izimo eziphuthumayo njengezibhedlela, izitolo zokudla nezinye izakhiwo zikahulumeni zivuleleke kuphela kubantu abagomele iCoronavirus.


“Sidinga ukunyakaza ngokushesha, kuvunyelwe kuphela abantu abagomile emabhasini, ematekisini nasemabhanoyini, ezindaweni zokudlela ezivalelekile nasema-thaveni,” kusho uMnu Martin Kingston ongusihlalo weB4SA. Uthe lo mbono wabo uhambisana ngqo nokwenziwa emhlabeni jikelele futhi ususelwa endleleni leli gciwane elithelelana ngayo, njengoba lihamba nomoya.


“Ukuzivikela ngokulekelelwa ngemishini yomoyampilo (oxygen) nokufaka izifonyo kusabalulekile, kodwa sidinga ukuqinisa ezinye izindlela zokuzivikela,” kusho yena. I-B4SA inxusa nabaqashi ukuba bavumele abantu abagomile kuphela (emsebenzini) futhi baqinise endabeni yokuthi abantu kumele bagome.


“Ososayensi emhlabeni bamatasata basabheka isimo sokuthelelana ngalolu hlobo olusha lwegciwane, kodwa basa-mile kwelokuthi okwamanje ukugoma yikhona okunqanda ukufa kwenqwaba yabantu nokugula kakhulu.

Ngamafuphi nje, ukugoma kuseyisona sikhali sokulwa neCovid-19, ngakho ke kubalulekile ukuba kugonywe abantu abaningi ngokushesha ukwenzela ukuthi izibhedlela zingabi nomthwalo ongaphezu kwamandla futhi kunciphe nengozi yokuthi kuqine imigomo yokuvalwa kwezwe,” kusho uMnu Kingston, othi leli lizwe ngeke lisakwazi ukumelana nokunye ukuvalwa kwezwe okuzohlukumeza umnotho.


“Umsebenzi wokuzivikela thina nemiphakathi yethu, siqinisekise ukuthi abantu kabafi futhi nendlela yokuphila kayiphazamiseki, usemahlombe ethu,” kuphetha uMnu Kingston.

Previous articleKwethulwe inhlangano esiza amaphara
Next articleKuthunjwe abawu-5 bomndeni epulazini