Uhulumeni wakuleli uphika eyokweseka “izihonga” zasePalestine

144

BHEKI NDLOVANA

UHULUMENI waseNingizimu Afrika -osugaxele endabeni yempi ephakathi kwe-Israel nePalestine – uyaphika ukuthi weseka iHamas, okuyiqembu lasePalestine eliphethe iGaza.  

Umsindo mayelana nokukhonjwa ngenjumbane kukahulumeni wakuleli, uqubuke emuva kokusabalala kwemibiko yokuthi uDkt Naledi Pandor (osesithombeni) ongungqongqoshe wezobuDlelwano bamaZwe nokuBambisana, ushayelane ucingo nomholi weHamas, ngenhloso yokuzwakalisa ukweseka leli qembu okuthiwa yilona eliqale lahlasela kwa-Israel mhla ka-7 kwephezulu.  

I-SA Jewish Board of Deputies, yexwayise uhulumeni ngokuthi uma weseka iHamas, uzofaka izwe obishini. 

“Ngokusho kweHamas, uPandor uzwakalise ukweseka ukuhlasela kwayo (iHamas) kungazelelwe kwa-Israel, lapho ibulale abantu khona, yaphinde yathumba izakhamizi. 

“UNgqongqoshe uPandor usekhethe uhlangothi empini. Usexhumane ne-Islamic Jihad, kanti ngokwenza kanjalo usefake izwe lethu ‘esimweni esibucayi’,” kusho iSA Jewish Board of Deputies. 

Emuva kwalesi sitatimende, umnyango kaDkt Pandor uphumele obala, wathi akulona iqiniso lokhu okushiwoyo. 

Uthe uDkt Pandor unxuswe ukuba ashayele ucingo umholi weHamas, u-Ismail Haniyeh, badingide ngokuthunyelwa kosizo lokulekelela abantu basePalestine. 

Uqhuba ngokuthi kuthe bephakathi nengxoxo, uPandor wabe esezwakalisa ukuthi iNingizimu Afrika iyazwelana futhi iyabeseka abantu basePalestine. Uphinde wazwakalisa ukudabuka ngokubhubha kwabantu abangenacala ePalestine. 

Uthe uPandor noHaniyeh baqhubekile badingida ukuthi luzothunyelwa kanjani usizo eGaza nakwezinye izindawo ePalestine. 

UMnu Vincent Magwenya okhulumela uMengameli Cyril Ramaphosa, naye uthe ingamampunge imibiko yokuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika uzwakalise ukweseka iHamas. Uthe iNingizimu Afrika kayinabo ubudlelwano neHamas, kodwa inobudlelwane nePalestine. 

bhekin@ilanganews.co.za  

Previous articleMasigawule sibheke njengoba sekusondele isikhathi sikaKhisimusi
Next articleKusolwa impi yoZamazama ngokusocongwa kwamalungu omndeni