UHunt ubonga abalandeli

906

Uthi ukubhikisha kwabo kubavuse emaqandeni benqoba koweCaf

MGADLI weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic exinwe ngabadlali beSimba SC uJoash Onyango noTadeo Lwanga emdlalweni womlenze wokuqala 
we-quarter final yeCaf Champions League onqotshwe yiChiefs ngo-4-1 ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGavin Hunt usola ukuthi uku-bhikisha kwabalandeli yikhona ese-nze abadlali bakhe bavuka emaqandeni.

IChiefs igile izimanga inenebula ngo-4-0 iSimba yaseTanzania emlenzeni woku-qala we-quarter  final yeCaf Champions League ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto.

Amagoli eChiefs avalelwe enethini ngu-Eric Mathoho, amabili kaSamir Nurkovic nelikaLeonardo Castro.

Abalandeli beChiefs baqoqane ngo-Lwesihlanu balibhekisa ekomkhulu lale kilabhu, eNaturena, ukuyohambisa izi-khalo zabo ezingu-12 abebezibhalile.

UHunt uthi kungenzeka ukuthi lo mbhikisho yiwona owenze abadlali bakhe bavuka emaqandeni.

“Mhlawumbe umbhikisho usisizile, mhlawumbe kufanele uhlale ukhona.

“Kufanele sibahloniphe abalandeli be-thu, bezwa ubuhlungu lobu nathi esibu-zwayo njengoba ikilabhu ibuye ingenzi kahle, yingakho kumqoka ukuzilalela izi-khalo zabo. Kube kuhle ukuthi sibaphe-ndule ngokuthi sinqobe ngalolu hlobo.

“Kodwa-ke okwenzeke kulo mdlalo sesi-dlulile kukho sesibheke olandelayo. 

“Kufanele silwele ukunika abalandeli lokhu abakudingayo,” kusho uHunt.

UDidier Gomes ololonga iSimba uthi bekufaneke iChiefs ibehlule.

“Asinaso esizathu esingasibeka nge-ndlela esihlulwe ngayo. Besingenawo amandla okubhekana nalo mdlalo, iChiefs isebenzise indluzula ukusehlula.

“Akukho ebesingakwazi ngeChiefs nje-ngoba ingenzi kahle nasemidlalweni yeligi.

IChiefs idlale ibhola elikhulu, beyihla-sela ngamandla nasemuva iqinile.

“Kodwa-ke akukapheli ngathi, kuseza umlenze wesibili ekhaya,” kusho uGomes. 

Umlenze wesibili uzokuba ngoMgqibelo ozayo eBenjamin Mkapa Stadium eDar as Salaam.

Previous articleIphikisa ubuholi beSilo uMisuzulu iNdlovukazi
Next articleZiqinile izinsolo zokudlwengulwa entombazaneni ebigqitshwe egodini(14)