UHunt ucela behlise imimoya abeChiefs

77

UBenni uthi kakukho mdlali woSuthu azombophela ngegama

SENZO SOKHELA noMFANAFUTHI NDLOVU

UHLULWE yigoli uSiphelele Mthembu woSuthu esebhekene no-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs egcine iguqe ngo-2-1 koweligi izolo ngoLwesithathu ntambama eFNB Stadium, eSoweto. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uGavin Hunt unxuse abalandeli bale kilabhu ukwehlisa imimoya emuva kokuba iphinde yabaphoxa ihlulwa ngamaZulu FC ngo-2-1 koweDStv Premiership izolo ngoLwesithathu ntambama eFNB Stadium, eSoweto.

Kulo mdlalo u-Itumeleng Khune ongunozinti weChiefs uzibangele isigcwagcwa kubalandeli beziMpofana ngephutha elenze le kilabhu yalahlekelwa ngamaphuzu amathathu isekhaya. 

Amagoli okunqobe ngawo uSuthu avalelwe enethini ngu-Augustine Mulenga ngomzuzu ka-46 noLehlohonolo Majoro ngoka-85, kwathi eleChiefs lashaywa nguLeonardo Castro kuyiphenathi ngoka-66.

IChiefs iqede lo mdlalo ingasaphelele njengoba uDarrel Matsheke ekhishwe ngekhadi elibomvu. Udlalise kabi uMulenga kanti ubesevele enekhadi eliphuzi unondweba uJelly Chivhali wangananaza wamnika elesibili eliphuzi waphuma. Lo mdlalo bese kungowesithathu ilandelana iChiefs ihluleka wukunqoba.

Abalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana bawuqondise kuKhune umunwe njengoba enze iphutha eliholele ekutheni uMajoro ashaye igoli lokuwina loSuthu. 

UKhune uphumele ibhola eligotshiwe wazama ukulixhimfa kodwa alangaphuma ebhokisi lashona phezulu labuya seliwela kuMajoro walibhakuzisa enethini. Kwenzeka lokhu nje, uKhune ubetabalasa ezama ukuvuka.

Isenzo sikaKhune senze abalandeli beChiefs bashiya abangalazi kuyena, abanye bathi kumele abe seqhulwini lwabadlali abaxoshwayo uma sekuphele isizini. Kwenzeka konke lokhu nje, inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa le sizini.

UHunt uvikele abadlali bakhe emuva kwalo mdlalo, ethi uMatsheke usemncane usazofunda emaphutheni akhe. Uthe uKhune sekunesikhathi eside agcina ukudlala ngakho kumele abantu bambekezelele. Uthi ubecabanga ukuthi ubesesimweni esihle sokuvimba kulo mdlalo akholwa wukuthi bekungamele bahlulwe kuwona.

UBenni McCarthy ongumqeqeshi woSuthu ubephuphuma injabulo ngokunqoba iChiefs. Uthi amaqhinga abo okucindezela iChiefs ezimpondweni libasebenzele kahle kakhulu. Uthi ujabule ngokubuyelwa yifomu kukaMajoro oqobela amagoli amqoka kule kilabhu. 

Uthi uhambo lwabo lwaseGoli lube luhle njengoba bethole amaphuzu amane, okungamathathu abawahlwithe kwiChiefs nelilodwa abalizuze becazelana amaphuzu neSwallows FC kuba ngu-0-0 ngeledlule.

Uthe uPhakamani Mahlambi kumele anyuse amasokisi uma efuna ukudlala, ngeke avele ambophele nje ngoba nakhu enegama. 

* IMamelodi Sundowns iqhubekile nokungagayelwa mphako kwiligi ihlula iBaroka FC ngo-2-0 wamagoli kaGaston Sirino elingene ngomzuzu ka-63 nelikaPeter Shalulile ngoka-68 izolo ngoLwesithathu kusihlwa eLoftus Stadium, ePretoria.