UHunt ukhala ngokuhlukumezeka kwabadlali bakhe

168

SENZO SOKHELA

UKHALA ngokuhlukumezeka kweqembu lakhe umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt (osesithombeni).

ISuperSport selokhu kuqale le sizini, imi-dlalo yayo yasekhaya iyigijimela ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, hhayi ekhaya layo iLucas Moripe Stadium ese-Atteridgeville.

IPremier Soccer League yamemezela ngasekupheleni kwesizini edlule ukuthi iLucas Moripe kayikho esimeni esihle sokuthi kungadlalelwa kuyo. Iyalungiswa.

UHunt uthi iqembu lakhe liyahlukumezeka njengoba wonke umfutho wabadlali bakhe uphelela endleleni.

“Ezinsukwini eziwu-6 besinomdlalo wasekhaya, kodwa bekufanele sinqamule siye eThekwini kuqala siyodlala khona siphinde sinqamule sibheke ePolokwane.

“Wonke la makilabhu ebesidlala nawo, besifika elinde thina ngoba yithina okufana nokuthi sihambile.

“Kangizami ukwenza izaba, kodwa ngiqo-nde ukuthi masonto wonke, siyehla siyenyuka, sithi sifika ePolokwane imilenze isuke ingasekho kubadlali bami.

“Le nto iyabahlukumeza abadlali bami, kuzofanele sizame, siphoqe ukuthi sibuyele enkundleni yethu,” kusho uHunt. 

senzos@ilanganews.co.za  

www.ilanganews.co.za

Previous articleUsengaluthokozela ucansi yize ususesigabeni se-menopause
Next articleKusolwa olombango wobukhosi ngokukhandwa kwenduna ngamatshe