Uthi iChiefs bekumele inqobe kalula kwiSoweto Derby
SENZO SOKHELA
UZWAKALISE ukunengeka uGavin Hunt (osesithombeni) ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ezakhe zihlulwa emdlalweni akholwa wukuthi bekufanele ziwunqobe kalula.
IChiefs iguqiswe ngo-2-1 ngomkhaya i-Orlando Pirates kowe-DStv Premiership ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto.
Amagoli eBucs avalelwe enethini nguThembinkosi Lorch no-Siphesihle Ndlovu, kwathi ele-Chiefs lashaywa nguDaniel Cardoso.
UHunt uthi imnengile indlela ezihlulwe ngayo ezakhe.
“Sidlale ibhola elihle kakhulu kulo mdlalo, namanje ngisazibuza ukuthi sihlulwe kanjani ngoba lo mdlalo bekufanele siwunqobe kalula. Kangazi mangaki amabhola ethu abawakhiphe eseyokweqa umugqa wegoli.
“Yinto oyifunda usakhula ukuthi ulivalela kanjani igoli nokuthi kumakwa kanjani emuva. Igoli labo lesibili kube yiphutha lethu, kasimakanga kahle.
Uyedwa umuntu obekufanele anqobe kulo mdlalo yithina,” kusho uHunt.
Uthi ziningi izinto angazisho kodwa uncamela ukuthula.
“Kungcono ngithule. Phela kuningi engingakusho ngoba sithole amathuba enele ukunqoba umdlalo. Ngesiwombe sokuqala nje besingaya ekhefini sihamba phambili ngo-2-0, noma u-3-0 kalula.
“Kwenzeke ncimishi le nto eyenzeke kowandulela owamanqamu (weMTN8) sibhekene nabo uKhama Billiat noLeonardo Castro beshweba amagoli.
“Nakulo mdlalo kwenzeke into efanayo uCastro noNurkovic bavele bashaya amagoli ekubeni ibhola bengakalivaleli enethini. Ngiphoxekile ngokwenzekile bekufanele silishaye kuqala igoli kodwa sangakwenza lokho,” kusho uHunt.