Ujabulile uKhuzani ehlonishwa ngeleLembe

504

MTHOBISI SITHOLE

UBONGWE ngomkhonto nehawu, wafaniswa neLembe – iSilo uShaka kaSenzangakhona – ngenxa yamagalelo akhe emculweni kamaskandi uKhuzani “Indlamlenze” Mpungose (osesithombeni). Lokhu kwenzeke kubuka izihlwele ngeSonto eCurries Fountain, eThekwini, kuMbuso Wamaciko Maskandi Festival. 

Abahleli balo mcimbi, bagqokise uKhuzani ibhande elibhalwe ukuthi “iLembe”. 

UMnu Phoyisa Hlongwa – ongomunye wabahleli – uthe bakwenze lokhu ngenxa yokuthi uKhuzani uwuphakamise kakhulu umaskandi, wanqoba okuningi. 

“Le nsizwa ilwe impi ilwela umaskandi. SiwuMbuso Wamaciko sithi, qhubeka Khuba uvikele umaskandi. Uyazehlula izinsizwa,” kusho uHlongwa. 

Bathe imisebenzi kaKhuzani yomculo ishintshe impilo yabantu abaningi. 

Ezibongela ngokungashalazelwa kwemisebenzi nemizamo yakhe kumaskandi, uKhuzani  uthe nakuba izimo zepolitiki zidlangile, kodwa ukubongwa ngale ndlela ngabahleli bomcimbi odidiyele abaculi bakamaskandi abanegama, kusho lukhulu kuyena. 

Uthe uZulu wonke uyawazi amagalelo eLembe. 

“ILembe lanqoba ngenxa yokukhalipha kwalo, labumba isizwe samaZulu. 

“Sekusobala ukuthi nami ngiwenzile umehluko endimeni kamaskandi ngezindlela eziningi ezibonwe ngabahleli bomcimbi,” kusho uKhuzani.

Kulo mcimbi bekungenwa mahhala. Bekuboshelwe abaculi abalinganiselwa ku-50, okubalwa kubona uMjabulisi, uGatsheni, uMnikezwa, uSminof noJaiva Zimnike. 

Phakathi kwezinto asezizuzile kumaskandi uKhuzani, kubalwa izindondo ezinkulu kwiSama Awards, ukuhambela amazwe phesheya, ukusayinisa abaculi abafufusayo enkampanini yakhe, wukugcwalisa
iMoses Mabhida Stadium, umcimbi we-All White nokuhlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleI-IFP ihlanganise izifundiswa ukubhekana nezinkinga zezwe
Next articleKabasalali ngenxa yengane (2) enyamalele