Ujatshuliswa wukunyuka kwegiya leChiefs

323

Bashintshe nesitayela ukudida izimbangi enkundleni

U-ARTHUR Zwane ongumqeqeshi weKaizer Chiefs noYusuf Maart bejabulile. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

MFANAFUTHI NDLOVU

UGCULISEKILE u-Arthur Zwane ongumqeqeshi weKaizer Chiefs ngezinga elikhonjiswa ngabadlali bale kilabhu eguqise iRichards Bay FC ngo-1-0 koweDStv Premiership ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Igoli okunqobe ngalo iziMpofana livalelwe enethini nguSiyabonga Ngezana ngomzuzu ka-8 umdlalo uqalile okwenze zaqoqa amaphuzu agcwele. IBay FC iqede lo mdlalo ingasaphelele ngemuva kokuba uSalim Magoola ongunozinti, enikwe ikhadi elibomvu ngokubamba ibhola ngesandla engaphandle kwebhokisi. UZwane utshele abezindaba ukuthi weneme ngendlela unozinti wabo, uBrandon Petersen akhombisa ukukhula ngayo ekubeni encintisana nonozinti abanekhono uBryce Bvuma no-Itumeleng Khune.


“Indlela esiqale ngayo isizini ibiphansi, abadlali sebelikhuphulile izinga njengamanje. Siyimangazile iBay ngokusebenzisa abagadli ababili okuyinto abebengayilindele. “Ngikholwa wukuthi iqhinga lethu lisebenzile. Ngiyazi ukuthi abadlali abanjengoNgezana bangasenzelani. Nakuba beke benza amaphutha phambilini kodwa kuyasiza ukubeseka abadlali uma izinto zingahambi kahle. “Ngikholwa wukuthi kumqoka ukuthi abadlali abasebancane sibagqugquzele ukuze benze kahle njengoba kubonakala uMduduzi Shabalala ekhombisa ukungena egiyeni. Ngiyacela ukuthi abalandeli bangamfakeli ingcindezi okwamanje,” kusho uZwane.


UPitso Dladla ocija iBay FC, uqale wancoma izikhulu ngokubasiza ngaso sonke isikhathi yize izinto zingahambi kahle eqenjini muva nje ngenxa yemiphumela egqozayo.Uthi liningi usizo abalutholayo kubaphathi. Uvumile ukuthi isimo kasihambi kahle kepha wathi bazodlula kusona. Uthi baguqe bedlala kahle. “Bekungeyona iChiefs ebidlala kahle kuphela enkundleni, kepha nathi besikhombisa ukuthi sikhona enkundleni. IBay FC yisikhungo esizimisele kakhulu ngokukhula ngebhola. Kasizibheki njengomakoti balesi sigaba uma sisenkundleni,” kusho uDladla.

Previous articleUsenezigulo osola abangcwabi ngokungathembeki
Next articleKUSOLWA IJIKI KODALE INGOZI KWAFA IZINGANE ZESIKOLE