Ujatshuliswa wukuqhathwa noTshatha kowezindondo

237

LUCKY CAIN 

IJATSHULISWA wukuqhathwa nozakwabo eyethula naye uhlelo intandokazi yoKhozi FM, uSelby “Selbyonce” Mkhize (osesithombeni), eqokwe noKhathide “Tshatha” Ngobe emcimbini wokuklomelisa abasakazi, iSA Radio Awards. 

USelbyonce noTshatha abashayela uhlelo iWoza Nabangani Bakho, phakathi
nezinsuku kulesi siteshi, bazoqhudelana nabasakazi beminye imisakazo emnxeni
we-Afternon Drive Presenter. 

Ekhuluma neLANGALempelasonto ngokuqokwa kwakhe uSelbyonce, uthe
okumjabulisa kakhulu wukuthi ngokwesibili eqokwa emcimbini wezindo-ndo kulo nyaka. “Nakuba nginganqobanga kwiSunday Times Gen Next Awards, kodwa ukuqokwa kusho lukhulu kimina, kwazise bengiqhathwe nabantu abaziwayo kwezokusakaza kuleli,” kusho uSelbyonce, ngalo mcimbi okugcine kunqoba kuwona uThando Thabethe, wesiteshi esizinze eGoli, i947. 

Uthe kwiSA Radio Awards, ujatshuliswa wukuqhathwa noTshatha nokuqokwa kohlelo lwabo. 

“Okungijabulisayo wukuthi akuvotwa, kodwa yithimba longoti elizokhetha odle umhlanganiso. 

“Ukuqokwa noTshatha kusho ukuthi sisebenza kahle ndawonye, futhi sibambisene kamnandi njengoba nohlelo lwethu luqokiwe,” kusho yena. 

Previous articleIthuba lomphakathi ukuphawula ngoshintsho lwama-number plate
Next articleInyunyana ifuna kuqedwe ukuqasha ngokwepolitiki eTransnet