Ujika neLanga uthishanhloko “wadlwengula” umfundi kaGrade 8

362

MTHOBISI SITHOLE

UJIKA neLanga uthishanhloko omiswe emsebenzini ngenxa yezinsolo zokunukubeza ngokocansi umfundi wakwaGrade 8 kwesinye sezikole zaseNgwelazane, eMpangeni. Ngokuthola kweLANGA, lo thishanhloko usolwa ngokudlwengula lo mfundi ehhovisini lakhe ngoNdasa (March), maqede wamesabisa ngokuthi uzombulala uma esho ukuthi umgilile.  

Kuthiwa watshela lo mfundi ukuba akhombe omunye uthisha ngaphakathi esikoleni, athi unukubezwe nguyena. Uthisha owabhecwa ngobubende inyama engayidlanga – esiligodlile igama lakhe ukumvikela – walandwa esikoleni, waboshwa phambi kwabafundi nozakwabo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi, sekuphenywa umfundi, kwavela ukuthi izinto azishoyo ziyashayisana. Ngemuva kwalokho, walihlanza iqiniso, wakhomba uthishanhloko. 

Umthombo weLANGA uthi ngenxa yokuthi uthishanhloko uyesatshwa nasemphakathini, umfundi ususiwe esikoleni. “Umfundi ubonwe ngunina ngesikhathi ekhumula ukuthi kukhona okungahambi kahle, wayesifihlele ngesigameko ngoba wesatshiswa nguthishanhloko,” kusho umthombo. Uthi okubi kakhulu wukuthi uthishanhloko akaboshiwe, yize umfundi “waveza lonke iqiniso”.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, ukuqinisekisile ukumiswa kukathishanhloko. “Ngeke sigcine esikoleni umuntu obhekene nezinsolo ezifana nalezi ekubeni sithe makasigadele izingane. Wudaba esilwaziyo, sifuna abhekane namacala asolwa ngawo, aqhele ezinganeni,” kusho uMahlambi.

Uthe kuyiqiniso ukuthi uthisha owaboshwa kulesi sigameko, akasafundisi kulesi sikole.

Okhulumela amaphoyisa, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMpangeni aphenya icala lokudlwengulwa kwentombazane eneminyaka ewu-13. Uthe kusolwa ukuthi isigameko senzeka mhla ka-21 kuNhlolanja (February). Uqhube ngokuthi umsolwa wavela eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni mhla ka-23 kuwona uNhlolanja. 

“Amaphoyisa asaluphenya udaba,” esho.

mthobisis@ilanganews.co.za 

Previous articleLihoxisiwe “elowabulala, wagqiba” inkosikazi egcekeni
Next articleLihoxisiwe “elowabulala, wagqiba” inkosikazi egcekeni