PHUMLANI GAMA
UPHENDUKE umtshingo ubethwa ngebani esiqhingini umhlengikazi oyanyaniswa necala lokubulala isisebenzi sakhe emuva kokuba owesilisa osolwa njengenkabi yakhe, uMnu Simon Mogale (38), waseLimpopo, ephenduke ufakazi wombuso. UMogale waboshwa “nomqashi” wakhe, uNkk Sithembile Xulu (48) – ongowokuzalwa KwaHlabisa – mayelana necala lokubulawa kukaNkz Busiswa Nxumalo (21), waKwaNongoma, isidumbu sakhe esatholwa silahlwe endaweni kadoti eVosloorus, eGauteng, ngoMasingana (January) ngo-2022.
UNkk Xulu usolwa ngokubulala umufi ngoba efuna ukuhlomula ngemali yomshwalense ewu-R6 million, ayekhave ngawo isisulu. Le mali wayezoyithola ezinkampanini ezintathu. Kuthiwa lezi zinkampani bezizomkhokhela imali ephindiwe uma edlule emhlabeni ngendlela engajwayelekile.
NgoLwesithathu nangoLwesine, iNkantolo yeMantshi yaseLenasia, eGauteng, beyilalele ukufakwa kwesicelo sokudedelwa ngebheyili kukaNkk Xulu esibuye sahlehliswa ngaphandle kokubekwa kwezizathu ezinqala. Sekuphele izinyanga ezimbili esesitokisini njengoba washaqwa ngamaphoyisa esemzini wakhe eLenasia.
UMogale wayesebenza engadini emzini kaNkk Xulu, kanti uNkz uNxumalo yena wayenza imisebenzi yasendlini. Kusolwa ukuthi uNkk Xulu waqasha uMogale ukubulala umufi ngesivumelwano sokuthi uzomkhokhela u-R60 000, kodwa wagcina emkhokhele u-R9 000. Emuva kwamasonto amabili eboshiwe uNkk Xulu, wavukelwa ngelinye icala njengoba esolwa ngokuba nesandla ekufeni komyeni wakhe, uMnu David Xulu ongowokuzalwa eNkandla.
UMnu Xulu wadutshulwa eyongena efulethini ayehlala kulona e-Alberton, eGoli, ngo-2020. Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uCapt Mavela Masondo, wasiqinisekisa isigameko sokudutshulwa kukaMnu Xulu, wathi kusukela ngonyaka adutshulwa ngawo, kalukaze lumiswe uphenyo ngokufa kwakhe njengoba sekuboshwa inkosikazi yakhe.
Phakathi kwezinto ezivele enkantolo, wukuthi uMogale akazimisele ngokuqhubeka nesicelo sokudedelwa ngebheyili ngoba usephenduke ufakazi wombuso.
ILANGA Lempelasonto lithole ukuthi uthatha lesi sinqumo nje, udinwe wukuphikwa nguNkk Xulu, ethi akamazi futhi akakaze ambone. Okunye okuvelile wukuthi kunelinye icala elake lamlahla uNkk Xulu.
UMnu Tumelo Maunye ongumshushisi wenkantolo, uthe ngokwamarekhodi asenkantolo, kunelinye icala elithinta imali elake lamlahla uNkk Xulu. “Kuyiqiniso ukuthi likhona icala elangilahla. Ngase ngivele ngingumhlengikazi esibhedlela iNgwelezane, kodwa ngihola imali yesibonelelo. UMogale engiboshwe naye kangimazi. Ngiyaqala nokumbona,” kusho uNkk Xulu.
Ucele ukuba inkantolo imdedele ngebheyili ngoba kunesifo aphila naso, udla imishanguzo yokusithithibalisa.
UNkz Tholakele Nxumalo ongunina kamufi, (uBusiswa), uphawule okokuqala selokhu kwashona indodakazi yakhe. Uthe wayengathandi ukuthi iyohlangana nomsolwa ngoba zaziziningi kakhulu izinto ayezithembisa ukuthi uzoyenzela zona.
Imantshi, uNkk Maggie van de Marwe, ilihlehlisele amasonto amabili ezayo icala, kuzobe kulalelwa isicelo sokudedelwa ngebheyili kukaNkk Xulu.