UMpume uphoqeleke ukufuna umsebenzi wasehhovisi kumbhedela kwezokulingisa
LUCKY CAIN
KUSALE kancane ukuba iliphose ithawula kwezokulingisa intokazi esanda kuthola ithuba lokuba yingxenye yomdlalo owuchungechunge, Uzalo okhonjiswa phakathi nezinsuku kwiSABC 1.
UNompumelelo Ngwenya ungene ngendlela engajwayelekile kulo mdlalo njengoba elingisa indawo kaMazaza, ebilingiswa nguSphe Mzimela okunemibiko ethi ukhonjwe indlela kulo mdlalo okhiqizwa yiStaied Glass Productions. Kuyaye kube nzima-ke ukungena emdlalweni ababukeli sebevele beyazi indawo kwazise basuke sebejwayele indlela omunye umlingisi ayidlala ngayo.
UMpume useke wabonakala kweminye imidlalo kamabonakude okubalwa neLoxion Lyrics kanti utshele ILANGA engxoxweni ekhethekile, ukuthi ujabule kakhulu ngokuthola ithuba lokulingisa kuZalo kwazise kuke kwaba nzima, waze wazifunela umsebenzi oseceleni ongahlangene nezokulingisa.
Ubengakaze aphuphe ngobunzima kwezokulingisa
“Ngesikhathi ngenza izifundo zeDrama kakuzange kungifikele ukuthi kuzoba nesikhathi lapho kuzoba nzima khona ukuthola umsebenzi kulo mkhakha,” esho. Uveze ukuthi ungesikhathi ephothula izifundo zakhe ube nenhlanhla yokuthola olunye uqeqesho ohlelweni lweMpucuzeko, eqeqeshwe nguZuko Nodada oseke wadidiyela imidlalo emikhulu eyahlukene kumabonakude.
“Kuthe siqeda ukuqeqeshwa ngaba nenhlanhla yokuthi uNodada angitshele ngendawo yomlingisi wesifazane obedingeka kwiLoxion Lyrics,” esho. Uthi ubezitshela ukuthi ngalo mdlalo kuzovuleka namanye amathuba kulo mkhakha.
Le ntokazi ithi ngemuva kwalo mdlalo izinto zibe nzima kuyona njengoba imisebenzi kulo mkhakha iqalile ukugqoza, yaze yaphoqeleka ukuba izifunele umsebenzi wasehhovisi.
“Lokhu bekungasho ukuthi sengiyaliphosa ithawula kodwa bengizama enye indlela yokuphila ngoba besekunzima, kumele ngikhokhele nezindleko zendawo ebengihlala kuyona kwazise besengizinze eGoli,” esho.
UMpume uyisiphalaphala sentokazi kanti ugabe nangezwi elipholile. Le ntokazi kuyasho ukuthi inobuhlakani kwazise kayijahi ukuphendula uma uxoxa nayo kodwa iyalalelisisa kuqala. Ithi nakuba ibisisebenza ngokugcwele entweni eyehlukile kunaleyo eyifundele kodwa ithemba belisekhona.
Ufundiswe ngabazali ukuzimela esemncane
“Ikhona imicabango yokuphosa ithawula ebingifikela kodwa into eyodwa ebingiduduza wukuthi kangisona isahluleki, uma isikhathi sesifikile kakukho okuyojika.” . Le ntokazi izalwe umndeni wayo uhlala kwelinye lamafulethi aseThekwini kodwa yakhulela eNtuzuma kwa-C. UMpume uthi ukhuliswe ngabazali abaqotho abebengazwani nento ebheke eceleni.
“Engikujabulelayo ngabazali bami wukuthi basheshe basifundisa ukuzimela sisebancane okuyinto esiphila ngayo manje ukungathembeli kwabanye abantu kodwa sizenzele thina ngokusebenza ngokuzikhandla.”
Uthi ubengumagcino isikhathi eside ngaphambi kokwelanywa kanti ubesondelene kakhulu nodadewabo uNqobile Ndlovu abacishe balingane naye. Uqhuba ngokuthi nakuba engumuntu ophansi futhi onamahloni kodwa izifundo ze-drama zimenze waqaqeka, zamvusela ukuzethemba.
Ngesikhathi ingxoxo iqhubeka, bekungicacela ukuthi le ntokazi iyazifela ngomndeni wayo nangomkhakha wezokulingisa kwazise ingxoxo iyashelela uma kukhulunywa ngokuthinta umndeni nalo mkhakha. Nakuba ingxoxo ishelela kodwa uyehla umoya uma ebala izikhawu lapho eke wadumala, engawutholi umsebenzi.
Bamchithile ezama inhlanhla kwiMbewu
Uveza ukuthi uke wazama inhlanhla emidlalweni eyahlukene okubalwa neMbewu ekhonjiswa kwi-etv phakathi nezinsuku. Uthi ngesikhathi ethola ucingo ukuthi uthole indawo kuZalo akakholwanga kodwa wehlisa umoya ngoba engafuni ukuthatha ngamaphaphu kodwa akwazi ukukwamukela ngendlela eqondile.
“Nakuba namanje kusekhona nokujabula kodwa ngiyakwehlisa ukuze ngikwazi ukwenza umsebenzi ngendlela eyiyo futhi esezingeni eliphezulu.”
Uthi okumjabulise kakhulu ngokungena kuZalo wukuthi wumdlalo abewubuka futhi nakubo bayawuthanda.
“Ngikhuluma nawe nje umama akakhohlwa wukutshela abantu uma bekhuluma naye ocingweni ukuthi mababuke uZalo bezobona mina. Lokhu kuyangijabulisa ukubona umzali wami eziqhenya ngami.”
Uthi uyazi ukuthi abantu bacabanga ukuthi sekuphelile ngoMazaza kanti kakunjalo, basazombona njengoba luluningi ulwazi aluqukethe ngoSbonelo (Wiseman Mncube) noGabisile (Baby Cele).
Akakukopelenga obekwenziwa nguMazaza omdala
“Engingakusho wukuthi abantu mabaqhubeke babuke kuningi okusazovela.” Le ntokazi iveze nokuthi okuhle ngokudlala indawo kaMazaza wukuthi kayikopelanga obekwenziwa wumlingisi obengaphambili kodwa le ndawo uyidlala ngendlela yakhe.
UMpume uthi iyamjabulisa indlela abantu abakhombisa ukumthakasela ngayo ngokudlala le ndawo njengoba ethi lokhu kufakazelwa yimiyalezo yabangani bakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Uthi okwamanje abantu kabakakwazi ukumbona uma ezihambela nje ezindaweni ezahlukene.
“Bakhona abangifanisayo kodwa iningi labantu kabangazi kahle ngoba i-wig kaMazaza ihlukile kunezinto engijwayele ukuzenza ekhanda lami,” esho ngohleko oluncane.
Le ntokazi iveze ukuthi iyazifela ngomdanso wohlobo lwe-contemporary kanti ingathanda nokungena emsakazweni ngelinye ilanga.
OKUNYE NGOMPUME
• Uyalishaya ibhodwe njengoba ezishaya isifuba ngesishebo sesiklabhu.
• Uyazifela ngomculo ka-Ayanda Jiya nomculo weDeep House.
• Uthanda umdlalo we-basketball.
• Nakuba engawukhonzile unobhutshuzwayo kodwa ungumlandeli weKaizer Chiefs.
• Ungowesine kweziwu-5.