UKAPUTENI WOSUTHU UYAMANISWA NE-PIRATES

480

SENZO SOKHELA
USEZIFAKE emabhukwini abadlali abagaqelwe yi-Orlando Pirates ukaputeni wamaZulu FC, ogila izimanga enkabeni yale kilabhu. ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uMakhehleni Makhaula odlala esiswini oSuthwini, usohlwini lwabadlali abaconselwa amathe yiBucs. UMakhaula ujoyine uSuthu esuka kwiHighlands Park eyadayiselwa abaphathi beTS Galaxy. Selokhu efike oSuthwini, ugila izimanga njengoba esibamba siqine isisu.
Umthombo waleli phephandaba, uthe: “UMakhaula usanenkontileka namaZulu FC, kodwa iPirates imufuna khona kunjalo. Usemabhukwini abadlali okufanele balandwe uma kuphela isizini, kodwake konke kuzocaca ngokuqhubeka kwezinyanga ngoba namaZulu ngeke avume kalula kanjalo ukudedela um-dlali wawo owumgogodla.” Imizamo yokuthola uSihlalo wePirates, u-Irvin “Iron Duke” Khoza mayelana nalolu daba, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. UKhoza uzibambela mathupha ekusayinisweni kwabadlali abamqoka kumaBhakabhaka.

Previous articleIsidumbu sosana sitholwe sintanta emfuleni
Next articleUsengumhambuma ‘undlunkulu okhishwe ngendluzula ehlalankosi’