Ukhala ngamashwa umdlali wase-kzn

1164

SENZO SOKHELA

UKHALA ngokulandelwa ngamashwa umdlali waKwaZulu Natali ogcine eselahlekelwa ngumsebe-nzi ngenxa yokulimala. 

USiphesihle Zwane (26) (osesithombeni) odabuka eDundee, KwaZulu Natali ujoyine iHighlands Park  ekuqaleni kwesizini ka-2018/2019 esuka kwi-Mbombela United egijima kwi-GladAfrica Championship.

Ujoyine leli qembu nje, ubeshisa kwiMbombela kangangoba kube nesixakaxaka kufanele asuke ku-yona ingafuni ukumdedela ikhala ngokuthi usanenkontileka. 

Kuze kwaphoqeleka ukuthi ancenge abaphathi bayo bagcina ngokumdedela.

Usayine inkontileka yonyaka neHighlands ebinesivumelwano sokuyelula ngeminye emibili. 

Nokho kwiHighlands azimhambelanga kahle izinto njengoba evele wahlushwa wukulimala.

Lo mdlali ekhuluma naleli phephandaba uthe namanje usazibuza ukuthi kungani ubelimala kangaka kwiHighlands waze wagcina elahlekelwe ngumsebenzi. 

“Ngiyazazi ukuthi nginjani, uma ngike ngadlala ngiyagqama. Ngihlale unyaka wonke ngingenakilabhu, ngajoyina iMbombela ngadlala isizini eyodwa ngaya kwiPremiership. 

“Nalesi simo engibhekene naso manje ngiyazi sizodlula ngoba sengingumqemane manje ngiyazi ngizoyithola ikilabhu engizoyidlalela. 

“Okungenzakalele kwiHighlands namanje ngisazibuza ukuthi bekudalwa yini. 

“Ngifika umqeqeshi u-Owen da Gama ubenginika ijezi ngavele ngadonseka imisipha ethangeni ngithi besisadlale imidlalo emithathu noma emine. 

“Ngibe sengihlala izinyanga ezintathu ngaze ngabuyela ejimini ngesonto lokuqala likaZibandlela (December). 

“Ngijime amasonto amathathu ngesonto lokugcina sizodlala ne-Bidvest Wits umqeqeshi wangitshela ukuthi uzongidlalisa. 

“Seliyophela isonto ngivele nga-limala ngendlela efanayo kodwa kwelinye ithanga ngangabe ngisaya kulo mdlalo. 

“Ngiphinde ngahlala kwaze kwaba nguMasingana. 

“Ngibuye lapho ngadlala kwiMulti-Choice emuva komdlalo owodwa nje engiwudlalile sibhekene ne-Orlando Pirates ngabizelwa ehhovisi belula isivumelwano kwinkontileka yami seminyaka emibili. Kungijabulisile lokho ngoba bekucaca ukuthi ngisezinhlelweni zekilabhu,” kusho uZwane. 

Uqhube wathi emuva kwalokho izinto zivele zabheda kakhulu kunakuqala. 

“Emuva kokuba ngilule inkontileka umqeqeshi ungiqalise umdlalo we-Arrows ngadlala kahle. 

“Kusuka lapho kuvele kwamnyama, kwaphela isizini ngabuyela ekilabhini umqeqeshi engasho lutho. Kuthe nje sekuzoqala imidlalo wavele wathi bayangidedela. 

“Ngihlalile ekhaya kwaze kwabe ngijoyina iTS Galaxy. 

“Okungimangazile wukuthi ngithe uma ngisuka kwiHighlands angiphindange ngalimala. 

“KwiGalaxy angihlalanga kuyona ngenxa yezizathu engingeke ngikwazi ukuzisho,’’ kusho uZwane. 

Uthi unesifiso sokugijima kumaZulu FC ngelinye ilanga. 

‘’Ngeke ngiqambe amanga ngiyafisa ukudlalela AmaZulu, ngendlela aphethwe ngokweqophelo eliphezulu ngayo yikhona okungenza ngiwathande. 

“Kodwa lokho-ke akuchazi ukuthi ngeke ngiye kwamanye amaki-labhu, ngizimisele ngokuya noma yikuphi akukhathalekile ukuthi yikwiGladAfrica. Ngokwami ngisasalelwe yiminyaka engu-6 kuya kwengu-7 ebholeni,’’ kusho uZwane.

Previous articlekuphazamiseke uhlelo lukamgabhi
Next articleI-corona ibhuntshise imigubho kaMthalane