Ukhala ngokusengelwa phansi wumasipala owesifazane odlelwe impahla

127

NONHLAKANIPHO SHINGA

UKHALA uyazithulisa owesifazane waseHangaza, eMbazwane, osola ukwenzelwa phansi wuMasipala uMhlabuyalingana ngokuthathwa kwe-container abesebenzela kuyona, athi inezimpahla zenani elilinganiselwa ku-R40 000. 

UNkz Bawinile Nyawo, uthi uyoyixoxela amagwababa echobana into emehlele. Uthi kufike amaphoyisa kamasipala ngasekupheleni kwenyanga edlule kule container adayisela kuyona impahla eyahlukene – obekukhona kuyo izingubo zokugqoka, iziqholo nokunye – amtshela ukuthi kakumele ibe kule ndawo abeyibeke kuyona.

“Ngangingekho ngalelo langa. Ngivuke ngakusasa ngalibangisa khona ukuyozwa. Ngiqale ukudayisa ngo-2020, ngesikhathi ngiyithenga yayivele ime la ngidayisela khona. Ngibe sengitshelwa ukuthi kuzokwakhiwa i-pavement, ngakho kumele ngisuke endleleni yize (i-container) ingekho endaweni okumele kwakhiwe kuyo le-pavement. Ngicele ukuba bangibhalele incwadi eshoyo ukuthi uma sekudlule intuthuko, ngizobuyela la bengivele ngidayisela khona, ”esho. 

Uthi uthe esalindile, kwafika incwadi emtshela ukuthi unikwa izinsuku eziwu-7 ukuba enze izinhlelo zokusuka endaweni adayisela kuyona. ILANGA liyibonile incwadi ebhalwe yimenenja yalo masipala, ethi uphule uSection 4 weNational Building 

ILANGA  lizame amahlandla amaningi ukuxhumana noMnu Lindokuhle Motha, okwezokuxhumana kulo masipala, kodwa lutho ukumthola. Nemizamo yokuthola uMnu Thembinkosi Khumalo oyimeya, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungaphendulwa.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous article“Umama weBhantshi” usola umndeni wakhe ngokumqambela amanga ngemishwalense yabafi
Next articleBafuna ubulungiswa ngonesi “odlalise inkomo” yesiguli siqeda ukuhlinzwa esibhedlela