Ukhala ngokuvalelwa ngaphandle umndeni kaMbongeni Ngema

141

LUCKY CAIN

UKHALA ngokuvalelwa ngaphandle umndeni wakwaNgema ozinze eNhlwathi ekhaya elikhulu lakwaNgema kulandela ukubhuntsha kwenkonzo yesikhumbuzo obekumele ibe izolo ngoLwesine.

Ngokwesitatimende esikhishwe wumndeni ukhale ngokuvalelwa ngaphandle njengoba uthi nasezingxoxweni zamalungiselelo omngcwabo uvalelwe ngaphandle nakuba besekhona abantu abadala emndenini.

Kulesi sitatimende lo mndeni uthi uphoxekile ngoLwesine njengoba inkonzo yesikhumbuzo ibhuntshe ngomzuzu wokugcina ngaphandle kokuthi waziswe kusanesikhathi. Uthi okubakhathaze kakhulu wukuthi namalungu omphakathi abesefikile nasegcekeni.

Lo mndeni uveza nokuthi okunye okubakhathazayo wukuthi le nkakha ngeke ingcwatshelwe ekhaya elikhulu eNhlwathi, nakuba azisholo yena engomeno esihloko sithi ‘Mhla Ngifayo’.

Lapha bachaphuna izinhlamvu ezikule ngoma ezithi “Ngosuku engofa ngalo ningisize nibongingcwaba kwaNgema, eNhlwathi. Ningisize ningakushintshi lokho noma ngabe ngingasekho kodwa ningakushintshi lokho”.

Umndeni uveze ukuthi uyamthanda uNgema kodwa udumele ngendlela izinto ezenzeka ngayo ukuthi uvaleleke ngaphandle.

NGUMBONGENI Ngema owedlule engozini yemoto.
Previous articleObethandana noMbongeni Ngema usephumele obala
Next articleOwe-Soul Brothers udalule okwenzeka kuqoshwa ‘Istimela saseZola’