Uthi ikhono lakhe selize labonwa phesheya, bemshalazela kuleli
MTHOBISI SITHOLE
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA
UMCULI kamasikandi okhala ngokuthi ushalazelwa ngabahleli bemicimbi baseNingizimu
Afrika, kabamqashi, uthi ithamsanqa elimehlele lokumenywa ngumculi waphesheya
kwezilwandle, uRihanna, libembule izinqe abahleli bemicimbi kuleli.
UMbuzeni Mkhize (31) wase-Mkhomazi, ngasePort Shepstone, uthi kuyamangaza ukuthi ithalente lakhe lize libonwe ngabantu bakwezinye izizwe, kodwa ekhaya enganakiwe, ecindezelwa.
Kulezi zinsuku usematheni uMbuzeni njengoba kuvele izindaba zokuthi ngoZibandlela
(December) uzobhekisa amabombo e-United States of America, ayohlangana noRihanna ommeme ukuba benze ingoma ekhuluma ngothando, ezofaka nesintu saKwaZulu phakathi.
Engxoxweni ekhethekile abenayo neLANGA LangeSonto ngoLwesihlanu, uthe kuyamethusa ukuthi yini lena ebonwa ngabantu bakwamanye amazwe ngomculo wakhe ekubeni kuleli eshalazelwa. Uthi kodwa sekuyamcacela ukuthi ushaywa ngesithende futhi uvalelwa ngaphandle.
Endimeni kamasikandi kunenkolelo yokuthi kubaculi balolu hlobo, kugqanyiswa
‘abangaphesheya koThukela’, kuthi abaqhamuka eSouth Coast (Amabhenanyawo) banganakwa, bavalelwe ngaphandle.
Uthi kunabaculi bakamasikandi abamenywa ngapha nangapha, abakwazi ukondla imindeni
yabo, kodwa abanye babo abalitholi lelo thuba.
“Ngihlale ngizibuza ukuthi kungani ngingamenywa emicimbini yakuleli, kodwa-ke sekucacile
ukuthi ngivalwa ngoba ngiphuma ngapha (eSouth Coast). Lokhu kuhlale kungidida ngoba angikaze ngixabane ngisho nanoyedwa wabaculi bakamasikandi.
“Imvamisa yibona abavalelanayo uma bekubona ukuthi uyisiphazamiso kubona,” kusho
yena. Uthi leli thuba lokumenywa nguRihanna, liyamjabulisa kakhulu ngoba lizokwakha
ubudlelwano obuhle ngokomculo kamasikandi bese kuhlomula neNingizimu Afrika.
Utshele leli phephandaba ukuthi nyakenye ubekade eseTurkey, eMiddle East emcimbini wokugubha usuku lwenkululeko. Uthi kuwona lowo mcimbi ubeshuthwa ubuthaphuthaphu ngenxa yokudlisela ngesigingci sakhe, kwaba khona abamthwebula amavideo bawakhombisa uRihanna.
Enye ingoma ahi wayicula lapho, ngethi “Shine Bright Like a Diamond.” Le ngoma inezinhlamvu ezithi ubuhle bakho ntombazane bungikhumbuza uRihanna intokazi yaseMelika.
“Abantu balaphaya bayithande kakhulu le ngoma base beyisabalalisa abamaketha umculo phesheya,” kusho uMbuzeni.
Uthi ngesikhathi ephesheya kwezilwandle, uphinde wacula neqembu iTrompies elidlalela
isigingci kwenye yezingoma zalo ezophuma maduzane. Uthe elinye ilungu laleli qembu okunguJimmy Mngwazi, naye udlale enkulu indima ekubeni axhumane nabasondelene
noRihanna.
“UJimmy uhlala eMelika, yingakho-ke kube lula ukuba axhumane nabantu abahlela
imicimbi naye wabakhombisa enye yama-video ami ngidlala isigingci base bechazeka,” kusho uMbuzeni.
Lo mculi uthi le ngoma bazoyenza ngoZibandlela (December) eNew York. Utshele
ILANGA LangeSonto ukuthi naye izokwenza imizamo yokuba apike uRihanna kweyakhe i-albhamu baqophe kuleli.
UMbuzeni uqale umculo esafunda isikole, ubegqame kakhulu ngokuthanda i-gospel wagcina
engena kumasikandi, wakhipha i-albhamu yokuqala ngo-2007esihloko esithi “Ngixolele Dali”.
mthobisis@ilanganews.co.za