Ukhale ngamakhaza washona “uMgijimi”

996

JOHN HLONGWA

UMANDLA “Mgijimi” Sindane owathathwa ehambele umdlalo weTelkom Knockout owawuphakathi kweKaizer Chiefs 
ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

KULILA nezimbangi ezinkulu ze-Orlando Pirates ngokudlula emhlabeni kukaMnu Mandla “Mgijimi” Sindane (43), waseMalahleni, eMpumalanga obengomunye wabalandeli abaqavile bezikaMagebhula, oshone ngoLwesibili. 

UMnu Masilo Machaka ongomunye wabalandeli abahamba phambili kwiKaizer Chiefs, eyizimbangi ezinkulu zePirates, uthe: “Kangikholwa ukuthi uMgijimi akasekho, abantu bayangifonela ngapha nangapha bangibuza ukuthi kwenzekani ngaye. 

“Ngale kokuthi siseka amaqembu ayizimbangi, kodwa kuningi ebesikwenza ndawonye. Besisanda kwenza izexwayiso ngendaba yeCovid-19. 

“Ngiyacela abalandeli bebhola balandele imibandela ebekwe ezweni njengokuqhelelana nokugeza izandla,” kusho uMnu machaka.

Izindaba zokudlula emhlabeni kukaMgijimi zisabalale ngoLwesibili ezinkundleni zokuxhumana, abantu bethi makalale ngokuthula, uyibekile induku ebandla. 

Ushone emuva kokugula okumxine isikhashana. UMgijimi ubegqame ngokuhlala egqoke i-jump suit emhlophe ezipende ngombala omhlophe ebusweni, elengise entanyeni uqwembe olubhalwe ukuthi Mgijimi. 

Lesi sitayela sakhe sithathelwe kumlingiswa kaSiyabonga Twala, uMpiyakhe Zungu, odlala kwi-Isibaya. 

ILANGA LangeSonto eliyindodakazi yeLANGA, lake laba nenkulumo ekhethekile noMgijimi lapho ayeveza khona uthando lwakhe ngePirates, esho nokuthi akaphuphi ngisho elele ukuthi angayibuka kumabonakude, ukholelwa ekuyeni enkundleni ayoyibuka bukhoma. 

Lokhu kugqoka kwakhe bese kumvulele namathuba omsebenzi njengoba ebeseqashwa ezindaweni ezahlukene ukuba ayoba ngumphathi wezihlelo nokunye okuningi.

Ngemuva kokusabalala kwalezi zindaba, ILANGA lixhumane noMnu Absolom Sindane, onguyise kaMgijimi, ochaze ngobunzima ababhekene nabo ngokushiywa yindodana yakhe ngokukhulu ukuzuma. 

“UMgijimi ufike ekhaya ngeSonto esivakashele, wabika ukuthi akazizwa kahle, uzwela kakhulu amakhaza. Ntambama esebuyela emzini wakhe, simphelezelile simphathele nento yokuzifudumeza (heater), wafike wayibasa enzela ukufudumala. 

“Ngakusasa, siphindelile samfica ephuza itiye, wasibikela ukuthi ukugula kuyamqinisa, uzizwa ephefumulela phansi, ephelelwa ngamandla. 

“Simshiyile sagoduka ntambama. Siphinde savuka ngoLwesibili siyonezela izingubo zokulala njengoba ebebike ukuzwela kakhulu amakhaza, safika endlini kukhiyiwe. 

“Sibuze komakhelwane bathi kabakaze bambone. Sibheke umnyango sathola ukuthi ukhiyiwe, sasaha isicabha savula, samfica eseshonile. Abasemakhazeni bafike isidumbu sakhe sisashisa. 

UMnu David Sindane, ongumfowabo kamufi, utshele ILANGA ukuthi umbiko kadokotela uqinisekisa ukuthi uMgijimi ubulawe yiHeart Attack.

“Silahlekelwe kakhulu ngoMgijimi, ubeyingane ekhonze amancoko. Mina ngingumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs, uma siyihlulile iPirates, ubengafuni ngisho sincokole ngendlela abeyithanda ngayo. Ubewukhonze kakhulu umndeni wakhe. 

“Yize ebesenendawo yakhe, kodwa belingashoni ilanga engavakashanga lapha ekhaya,” kusho uMnu Sindane. 

Uzakwabo kaMgijimi kwiPirates, uJoy “Mama Joy” Chauke, uthe: “Sife olwembiza ngoMgijimi. Bekuthi uma efike kuqala enkundleni angibekele indawo, nami uma ngifike kuqala bengenza kanjalo. 

“Abantu bebesifonela uma besibona kumabonakude bethi siyabajabulisa uma sindawonye. 

“Ngibuhlungu kakhulu, kufana nokuthi kufe umlingani wami. Kwamina ngigonqile, uma bengase bathi bamfihla ngoMgqibelo, kusho ukuthi ngeke ngiphumelele,” kusho yena. 

Imizamo yokuthola uvo lwePirates iphunzile njengoba ucingo lukaThandi Merafe belukhala lungabanjwa muntu nomyalezo athunyelwe wona akawuphendulanga.

* Okunye ngoMgijimi: Ushiye emhlabeni izingane eziwu-6, abazali bakhe bobabili nezingane zakwabo eziwu-7. 

Previous articleEyaseKZN engcupheni ‘yokuchithwa’ yiPSL
Next articleKuboshwe obehlele eyabebemashela umalugaju