Ukhale ngamalungelo akhe uthisha “owadlwengula” itshitshi

356

PHUMLANI GAMA

BAFUNA abolele ejele uthisha waseBizimali High School, eNkandla oyanyaniswa nezinsolo zokunukubeza ngokocansi itshitshi ayecelwe ukuba alisize libuya eMkhosini woMhlanga ngenyanga eyedlule. 

UMnu Siboniso Dlomo (26), ubevele okwesithathu eNkantolo yeMantshi eKhombe, eNkandla ngoLwesithathu. 

Usolwa ngokudlwengula intombazane ayifundisayo kulesi sikole. 

Izinhlaka ezahlukene bezikhona enkantolo ziyokweseka umndeni wesisulu. Onomehlo abahlola izintombi, bebeyingxenye yazo.

Bekukhona nezinyane leSilo uZwelithini kaBhekuzulu, uMntwana uMukelile Zulu, ongumsunguli weShe Rose Africa Organisation, ayisungulela ukusiza izisulu zokuhlukunyezwa ngokobulili, yintsha yesifazane ezinkingeni ezingamahlalakhona nokugqugquzela ezolimo emiphakathini yaKwaZulu-Natal. 

Ummeli kaDlomo ubengekho enkantolo. 

Kuvele ukuthi akakwazanga ukufinyelela khona ngoba engenayo imoto yokuhamba. 

Inkantolo inqume ukuqhubeka necala yize engekho. Icala lihlehliselwe ukuba kulindwe isinqumo seNkantolo yesiFunda yaseNkandla.

Ummangalelwa utshele inkantolo ukuthi ubona kucindezelwe amalungelo akhe, emuva kokuthungelwa ngomlilo kwezimpahla zakhe nendlu abehlala kuyona. 

“Ngathola umbiko ngomastende engazisa ukuthi ummangali nabazali bakhe, bafika bashisa izimpahla zami, bagwaza amasondo emoto kababa engihamba ngayo. 

“Ngizwa ubuhlungu ngokuthi kangikwazi ukubavulela icala ngoba kangikubonanga okwenzeka,” esho.

Imantshi imyalele ukuxhumana nommeli wakhe okunguyena okufanele amsize bavule icala. 

Amalungu omndeni nezihlobo zikaDlomo, bebekhona enkantolo beyomeseka. 

KWESOKUDLA nguMnu Sboniso Duma obhekene necala lokudlwengula kanti kwesokunxele nguMntwana uMukelile Zulu obeyingxenye yabebeyokweseka umndeni wesisulu.

Previous articleUkwehla ngamawala komthamo kagesi ophehlwa yi-Eskom kungayifaka enkingeni
Next articleUgila izimanga owaphoqwa ngunina ukwenza ezolimo