Umhleli wemicimbi uthi usegqekezelwe kathathu endaweni yakhe yobumnandi
PAMELA ZUNGU
ISITHOMBE: INSTAGRAM/KGOLO MTHEMBU
UKHALE wabuya nganeno umhleli wemicimbi odumile KwaZulu-Natal, onendawo yobumnandi eThekwini, ngenxa yokulahlekelwa yinzuzo njengoba izwe livaliwe ngenxa yokubheduka kwe-coronavirus esilimaze inqwaba yamabhizinisi, abantu baphelelwa yimisebenzi.
UKgolo ‘Daguru’ Mthembu, wenkampani iKgolo Daguru Experiential, ehlela imicimbi futhi ongumnikazi wendawo yobumnandi eseMorningsi-de, eThekwini, i-Azar, uthi ulahlekelwe kakhulu njengoba yonke imicimbi abeyihlela ihlehliselwe usuku olungaziwa ngenxa ye-coronavirus.
Kodwa yize kunjalo, uthi uyasijabulela lesi sikhathi ngoba ukwazi ukusichitha nomndeni wakhe, kwazise ungumuntu omatasatasa.
“Thina esihlela imicimbi sibhekene nenkinga enkulu ngoba akukho zimpe-ndulo esizitholayo uma sithumela izinto zethu eziphathelene nemali eminyangweni efanele.
“Empeleni thina esinezindawo zobumnandi yithina esashayeka kuqala njengoba kwakumele silandele imigomo ethile. Selokhu kuqale ukuvalwa kwezwe, sengigqekezelwe kathathu endaweni yami yobumnandi, abantu befuna utshwala.
“Ngize ngaphoqeleka ukwandisa onogada abazoqapha yize ingekho imali engenayo njengoba isimo sinje. Ngikhipha emalini yami yokugcina,” kusho uMthembu.
Utshele ILANGA ukuthi ngesonto elilodwa ubehlela imicimbi emine eseqophelweni eliphezulu.
Uthi uma sesidlulile lesi siwombe, kuzomthatha cishe iminyaka embili ukuba amabhizinisi akhe asimame.
“Ngeke ngimgxeke umengameli wezwe (uMnu Cyril Ramaphosa) uma esilula isikhathi sokuvalwa kwezwe ngoba naye ufuna okuhle, kodwa ngezwe lethu.
“Yize kubuhlungu ukuthi siyashayeka emaphaketheni, kodwa kubalulekile ukubambisana siyizwe ukuze sizolinqoba leli gciwane.
“Impilo yinye, ibalulekile kunayo yonke into, yingakho kumele sithobele imiyalelo ekhishwa wuhulumeni.
“Imali kayibaleki, iyohlala ikhona, ngakho-ke kumele sihloniphe imigomo ebekiwe ukuze sizoyinqoba le mpi esi-bhekene nayo,” kusho yena.
Uthi bekumele ahlele umcimbi weGagasi FM obuzobe ukwiVodacom Durban July (VDJ).
Emicimbini aseke wayihlela, kubalwa iRed Star Experience neBeach Festival yeGagasi FM.
Baningi abahleli bemicimbi emikhulu abagqemeke engeqiwa ntwala ngokubheduka kwe-coronavirus. Kule micimbi kubalwa iCape Town Jazz Festival, uGu Jazz neVDJ.
phumelela@ilanganews.co.za