SKHOSIPHI MTHEMBU
KUVUKE umunyu emalungwini omndeni kamufi ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngesikhathi umyeni wakhe – osolwa ngokumbonda ngokumgwaza, ambulale phambi kwezingane zabo – efaka isicelo sebheyili.
UMnu Mhlengi Ndaba (45), ubevele kule nkantolo ngecala lokubulala ingoduso yakhe, uNkz Dima Phohlo (31) (osesithombeni), emasontweni amabili edlule.
Kuthiwa ngosuku lwesigameko uNdaba waba nengxabano nomufi, eyaholela ekutheni amgwaze ephindelela, kwala ngisho esebalekela emgwaqweni eyofuna usizo, wamlandela wamgwazela khona.
Ummeli kaNdaba, uMnu J Naidoo, ucelele ikilayenti lakhe ibheyili. Uthe liyaliphika icala lokubulala, lithi lalizivikela kumufi owayelihlasela ngebhodlela.
Uthe ngosuku lwesigameko, ikilayenti lakhe, lafika endaweni abebehlala kuyo, kwasuka ingxabano phakathi kwabo, ngenxa yokuthi umufi engazenzele izingane zabo ukudla.
Utshele inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe ngeke likubalekele ukuqulwa kwecala, ngoba linenkampani nezisebenzi. Uthe linezingane ezine okubalwa nezikamufi okumele lizondle njengoba zibheke lona lodwa, futhi ngeke libe yingozi kofakazi kuleli cala kanti lizimisele ukusuka eThekwini liyohlala kubo eGroutville.
Umshushisi, uMnu Calvin Govender, uthe umbuso uzosebenzisa ubufakazi oba-qoshwa yiCCTV, obukhombisa uNdaba egwaza umufi phambi kwezingane zabo.
Imantshi, uMnu Manjezi – lingatholakalanga igama layo – iyalele ukuba icala lihlehliselwe uLwesihlanu.
UNkz Makgetho Phohlo ongunina kamufi, uthe kuyamkhathaza ukuthi umkhwenyana wakwakhe angakhombisi ukuzisola ngesenzo sakhe. Uthe namanje kusenzima ukudlulisa into eyenzeka.
“Abazukulu bami ababona kwenzeka le nto, namanje basathuka. Omunye uyasho ngisho ukusho ukuthi uyise wabulala unina,” kusho yena.
skhom@ilanganews.co.za