Ukhalele unina ongasekho ethweswa iziqu zeHonours

290

MTHOBISI SITHOLE

SIKHALELE unina ongasekho emhlabeni isitshudeni sase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) sethweswa iziqu zeHonours Degree kwi-Educational Psychology, sathi simhlonipha ngazo.  

UXolani Methula waKwaNongoma  -owashiywa ngunina eneminyaka ewu-11 ngo-2011 – uthe iziqu azizuzile, kungenxa yothando lukanina owamnakekela esemncane yize engasabubonanga ubuhle bokwethweswa kwakhe iminyezane. “Ngikhule ngaphansi kwesandla sikagogo nobabekazi. Ngifisa engabe umama ongizalayo ukhona uyabona indodana yakhe ukuthi isifunde yafika kuleli zinga,” kusho yena.

Uphase ngoCum Laude, okusho ukuthi zonke izifundo abezenza uziphase ngama-phuzu angaphezulu kuka-75%.

Utshele leli phephandaba ukuthi ezinganeni zakwabo ezine, ungowokuqala ngqa emndenini wakubo ukuzuza iziqu zeHonours. Uthe uthemba ukuthi izingane zakwabo nomndeni wakhe osasilele emfundweni, uzosika iphethini kuyena kwezemfundo. Uveze ukuthi unethemba lokugqoka ijazi elibomvu ngelinye ila-nga ngoba uzimisele ngokuba uthishela wasesikhungweni semfundo ephakeme.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi i-UKZN imeseke ngomfundaze ngesikhathi enza lezi ziqu ezithuthukile (Postgraduate). Uthe namanje iyameseka njengoba ebhalisele iziqu zeMasters Degree.

UMethula ubalwa nezitshudeni eziwu-414 ezithweswa iziqu ngokwezinga likaCum Laude kule nyuvesi kulo nyaka.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleIsifiso somndeni “wombulali” ngemindeni yezisulu ezabhubha engozini yeloli
Next articleUveze eyokuqhubeka kweZinkabi Zezwe uSjava onomjikelezo