MTHOBISI SITHOLE
UYIKHIPHE ephoxekile i-albhamu yakhe entsha umculi kamasikandi, ngenxa yokuphoxa kwakhe abalandeli ebekade beyilindele nyakenye wabanjwa ukugula ngomzuzu wokugcina wokuphuma kwayo kuZibandlela(December). UKhangelani “DsD” Mhlongo waseShobalenyathi, eNkandla, uthi ukugula kwakhe okuqubuke esithubeni, kumenze ivukane kwezomculo kwaphoxeka abaningi esethathe izimali zabo, yangaphuma i-albhamu ebilindelwe. Uthi lokhu kwenzeke ngesikhathi esibi bekhipha abanye abaculi abadumile njengaye endimeni yomculo kamasikandi. Utshele leli phephandaba ukuthi bekade ephethwe isifo sezinso, eselele phansi ngenxa yokuthi bekungahambeki. Uthi ubegulela ekhaya eShobalenyathi kodwa wakufihla ukugula kwakhe ngaleso sikhathi.
“Bengilele phansi, isimo sempilo singiphikisa. Umndeni wami wawusulahle ithemba ngami ngenxa yesimo ebengibhekene naso. Ngiyazi ukuthi ukungaphumi kwe-albhamu nyakenye kuZibandlela (December)-kubahlukumeze kakhulu abantu ngoba izimali zabo zazingakimi,” kusho uKhangelani. I-albhamu yakhe entsha, isihloko sayo sithi “One More Year”
Uthi okumsize kakhulu ngukuthi abafake kuyena izimali ingakaphumi i-albhamu, bekade kungabalandeli bakhe beqiniso. Uthi labo balandeli baxhumane nomndeni wakhe befuna ukuzwa kabanzi ngokunyamalala kwakhe nezimali.
“Umndeni ubachazelile isimo engibhekene naso. Laba ebekade bengikhuluma kabi ezinkundleni zokuxhumana bethi sengibaleke nezimali zabalandeli, yizitha zami eziseka amaqhawe azo asemculweni kodwa zilindele ukungibona nginezinto ezinhle ekubeni zingangeseki ngalutho,” kusho uKhangelani.
Uthi ama-cd uwagayele abalandeli ayethathe izimali zabo kuphela. Uveze ukuthi abanye abafuna ukuzwa amanoni akhe amasha, bangawathenga online noma bawalalele ezinkundleni zokuxhumana. Utshele ILANGA ukuthi besingekho isidingo sokugaya ama-cd ngenxa yalesi simo.
“Lokhu kugula kungiphendule i-Amisha, ngaba wumuntu ongahlelekile noma oqola abantu,” esho.
Le albhamu ibophele izingoma eziningi ezimnandi. UKhangelani uthe ngenxa yokuthakaselwa kwayo kakhulu, unethemba lokuthi izokwenza kahle emakethe yomculo online.
“Okwamanje anginalo ulwazi lokuthi umculo usebenza kanjani online, kodwa lo msebenzi wami omusha, uzongicacisela kahle,” esho.
Lo mculi uzakhe udumo lokwaziwa endimeni kamasikandi emaqenjini kaMgqumeni “iBhova LikaDikadika” Khumalo(ongasekho), okuthe ngokushona kwakhe, wasungula iqembu oSaziwayo ebambisene noMzovukile “Jaiva” Khanyeza. Usehlabane ngezindondo zomculo okubalwa kuzona i-South African Traditional Achievements Awards(Satma), Amantshontsho, nezinye.
mthobisis@ilanganews.co.za