UKhanye uluma uyaphephetha kuKhune mayelana notshwala

445

MFANAFUTHI NDLOVU

UZWELANA nonozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune – okuthiwa umisiwe kule kilabhu emuva kokufika emsebenzini edle amponjwana – uJunior Khanye owazakhela udumo egijima kule kilabhu eminyakeni edlule. IChiefs imemezele ngoLwesine ukuthi ikomidi layo lokuqondisa ubugwegwe, linqume ukummisa uKhune ekuzihlanganiseni nesikwati sayo ngenxa
yalezi zinsolo. Iveze ukuthi izomsiza ukuyohlunyeleliswa isimilo.

UKhanye, osengumhlaziyi wezemidlalo kwiDiski TV, utshele ILANGALempelasonto ukuthi uthumelele uKhune umqhafazo, emgxeka ngokuphuza emsebenzini ekubeni azi ukuthi baningi abadlali bephelelwa yikusasa ngenxa yotshwala, kubalwa naye (uKhanye). Uthe ubengakamphenduli.

“Ngimkhonze kakhulu uKhune, kodwa ubhedile. Le nto ayenzile nami ngayenza, ngabulala ikusasa lami ebholeni ngotshwala. Mkhulu umonakalo awenzile kwiChiefs jikelele. Ngidlalile naye, wayeziphethe kahle kakhulu. Nokho ngiyasiqonda isimo sakhe sakamuva sokuphazanyiswa wukungenzi kahle kwekilabhu, okumfake kule nto. Ngigxeka nabadlali ababili okuvela ukuthi yibona abamceba ezikhulwini ukuthi ufike ejimini ephuzile. Kwakumele bakhulume naye eceleni ukuze agoduke ukwenzela ukumhlenga njengokaputeni wabo,” esho.

Uthi ukholwa wukuthi kuningi uKhune asengakwenzela iChiefs ngoba ungomunye wabadlali abayisebenzele ngobuqotho iminyaka eminingi.

mfanafuthin@ila-nganews.co.za

Previous articleIndodana kasomatekisi ecaleni lokubulala i-stepmother
Next articleWaqala ukusakaza eneminyaka ewu-9 owoKhozi ogoduke nendondo