‘Ukhethe ukuxolisa’ emndenini kamufi osolwa ngokubulala iphoyisa

619

Kuthiwa utshele umfowabo kaCapt Ntombela ukuthi naye kwakumele abulawe

UMNU Mandlenkosi Mmeli Ntombela, osolwa ngokuba yinkabi eyabulala iphoyisa uCapt Zwelakhe Ntombela (ongakwesokudla).

SKHOSIPHI MTHEMBU

KWENZEKE okungajwayelekile eNkantolo yeMantshi eMlazi, ngo-Lwesibili, ngesikhathi “inkabi” icela ukukhuluma namalungu omndeni kamufi ukuze ixolise ngemuva kokuvela enkantolo ngecala lokubulawa kwephoyisa lomgwaqo ebeligada esinye sezikhulu ngaphansi kukamasipala iTheku, uCapt Zwelakhe Ntombela. Umsolwa uMnu Mandlenkosi Mmeli Ntombela uvele enkantolo kulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili kodwa wayenqaba. Uxolisa emndenini nje, kuthiwa useqalile uyacula, uveza nokuthi wayethunywe ngubani ukuthi abulale uCapt Ntombela. Uboshwe ngamaphoyisa ngeledlule ngoLwesine esekubhaceni eMsinga. Umsolwa ubhekene necala lokudubula abulale uCapt Ntombela, owadutshulwa emzini wakhe ngoNhlaba (May) kuwona lo nyaka. ILANGA lihabule ukuthi kusolwa ilungu lomndeni ngokwakha itulo lokubulawa kwakhe.


Kubikwa ukuthi uCapt Ntombela wadutshulwa ngesibhamu sakhe somsebenzi evala isango lakwakhe, ephuma ukuyothenga okuthile esitolo ngemoto. Kubikwa ukuthi inkabi yayimcuthele khona esangweni, okwathi uma elivala yamdubula ekhanda. Kuvela ukuthi waphuthunyiswa esibhedlela, washonela khona. Icala lokubulawa kwakhe ladluliselwa koKlebe, kwabe sekuboshwa (umsolwa) uMnu Ntombela. UMnu Ntombela ubevela okwesibili enkantolo njengoba avela okokuqala ngoLwesihlanu. Emuva kokuvela kwakhe enkantolo, kubikwa ukuthi ube esecela ukuxhumana namalungu omndeni kamufi, nalapho efike waxolisa kuwona ngakwenza. ILANGA likhulume nomfowabo kamufi uMnu Nathi Ntombela, obesenkantolo, othi namanje kusenzima ukwamukela ukubulawa komfowabo. Uthi akazi ukuthi acabangeni ngokuxolisa “kwenkabi” kuyena njengoba imtshela ukuthi yayingazi ukuthi ibulala umuntu oyisihlobo sayo. Uthi kumethusile lokhu ngoba ubengakulindele.


“Besizolalela icala sifuna ukuzwa ukuthi umsolwa uyayithola yini ibheyili njengoba bekulindeleke ukuba afake isicelo sayo. Kuthe uma eseyinqabile, ngezwa kuthiwa uyangicela umsolwa. Ngifike kuyena waxolisa ngesenzo sakhe sokudubula abulale umfowethu. “Ungitshele ukuthi ubengazi ukuthi wayebulala isihlobo njengoba naye ethe ungowakwaNtombela. Uthe uzimisele ngokubhekana necala lakhe, futhi ufisa ukubona umndeni wonke, axolise kuwona. Okungishaqisile wukuthi angitshele ukuthi nami ubengifuna uthuli kodwa wehluleka ukungithola. Uveze ukuthi inhloso bekuwukuthi nami ngibulawe ngoba bengisondelene kakhulu nomfowethu, singahlukani,” esho.


Eqhuba, uthi babonga amaphoyisa ngokuzikhandla kwawo, okwenze kwasheshe kwaboshwa umsolwa. Uthi ukubulawa kukamfowabo kushiye isilonda kuyena njengoba ethi bebesondelene kakhulu bejima ndawonye. “Ngokujwayelekile abantu bayawagxeka amaphoyisa, ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi ngiwuncome umsebenzi wawo ngoba alusukumele udaba lokubulawa kukamfowethu, kwaboshwa umuntu kusadlule inyanga eyodwa ebulewe. Kodwa-ke siyothola ukuphumula uma sebeboshwe bonke abathintekayo ngoba siyasola ukuthi lo wayethunyiwe ukwenza lokhu,” kusho yena. skhom@ilanganews.co.za

Previous articleUBESAXILONGWA ESIBHEDLELA UMNTWANA WAKWAPHINDANGENE
Next articleBatuse amagalelo kaShenge